Abamabhizinisi bacele uMengameli ukuthi alwe nenkohlakalo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Iqeqebana losomabhizinisi abahamba phambili kuleli lihlangane noMengameli uCyril Ramaphosa ngesikhathi eseNgqungqutheleni Kazwelonke ye-ANC ka-55, e-Nasrec Expo Centre eGoli ngoLwesibili.

Ngaphambi kokwethula inkulumo yakhe yokuvala, uMengameli uye wazulazula ezingxenyeni zemakethe yamabhizinisi engqungqutheleni.

Abanikazi bamabhizinisi baphakamise izingqinamba eziningi: amanani entela aphezulu; ukuntuleka kwezimali nokusekelwa kwamabhizinisi endawo; amabhizinisi ezigebengu embonini yezokwakha; kanye nokuqola ikakhulukazi emabhizinisini asemalokishini ukuze athole ukuphepha.

Abebekhona batshele uMengameli ukuthi basazabalaza ukusimamisa amabhizinisi abo ngemuva kukathaqa odalwe ubhubhane lwe-Covid-19 kanye nokuphangwa kwamabhizinisi ngesikhathi sezibhelu zangoNtulikazi nyakenye.

IPhini likaMengameli we-Economic Forum South Africa uDkt Eugenia Kula, uthe uhulumeni kumele atshale imali emabhizinisini endawo ukuze aqinise umnotho.

“Kule ngqungquthela, sizwe ngamasu nezichibiyelo zenqubomgomo ezibukeka zizinhle emaphepheni kodwa eminyakeni edlule sibonile zingasetshenzwa,” kusho uKula etshela i-Scrolla.Africa ngemuva kokuxoxa noRamaphosa.

“Ngeke sijabule ngezethembiso, kodwa sizolinda ukuthi zifezeke,” engeza.

UKula uthi ukuze uhulumeni ahlole izingqinamba kwezamabhizinisi, kumele aqale axhumane nomkhakha ukuze azi futhi ahlonze izidingo zawo.

“Sinxusa ubuholi obusha ukuthi bubhekane nezinselelo zobugebengu, ukushoda kwamandla nenkohlakalo,” kusho uKula.

Uthe amabhizinisi adinga indawo evumayo ukuze athuthuke.

UMnu Bheki Twala wezomnotho emalokishini, uthe badinga abaholi abazimisele ngokuvakashela emalokishini ukuze bazizwele mathupha ezinye zezingqinamba ababhekana nazo mihla namalanga.

Esithombeni esingenhla: UCyril Ramaphosa

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva