Ibhalwe nguBuziwe Nocuze
Abashayeli be-Uber, i-Bolt kanye ne-Marketplace bavame ukuhlaselwa izigebengu eNyanga kangangokuthi baye batshelwa ukuthi bacele ukuphelezelwa amaphoyisa noma yinini uma bengena elokishini.
I-Nyanga Community Policing Forum iyalele abashayeli ukwenza lokho kulandela imibiko yokuthi izigebengu ezisencane endaweni yase-Philippi Browns Farm zenza izicelo zokulandwa kulaba bashayeli ukuze zibagebenge uma befika.
UDumisani Qwabe ongunobhala kule nhlangano utshele i-Scrolla.Africa ukuthi “izindawo eziyingozi” e-Browns eNyanga akumele kulethwe abantu noma balandwe kuzo.
“Sichazile ukuthi kungani bengakwazi ukuya lapho bodwa. Ubugebengu buphezulu kakhulu. Ukuya esiteshini samaphoyisa ukuyocela ukuphelezelwa yiyona ndlela engcono kakhulu kuwo wonke umuntu,” esho.
“Intsha yiyona enza izicelo kwi-Marketplace. Uma nje laba basebenzi be-Uber, i-Bolt noma be-Marketplace befika kuleyo ndawo, babanjwa inkunzi.”
Le nhlangano izoqhubeka nokunikeza izeluleko zokuthi ungagwema kanjani ukuba isisulu sobugebengu.
“Ngesikhathi kugetshengwa abanye abantu balimala kabi noma babulawe. Asisafuni ukukubona lokhu, kumele baqale esiteshini samaphoyisa,” kwengeza uQwabe.
Omunye osemusha usanda kuboshwa ngemuva kokuthi ehehe ikhasimende le-Marketplace ngokuthi ulethe izimpahla.
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uSayitsheni Wesley Twigg unxuse bonke abakhangisa ezinkundleni zokuxhumana ukuthi baqikelele uma besebenzisana nabathengi abangaba amakhasimende.
Amaphoyisa aseNyanga aqophe izigameko eziningi lapho abakhangisi abayengelwa khona e-Browns Farm babanjwe inkunzi baphinde bahlaselwe.
“Njengengxenye yophenyo lwamaphoyisa ngalesi sigameko, omunye wabasolwa oyintombazane (17) uye wabanjwa wase eboshwa amaphoyisa,” kusho uTwigg.
Ilungu lomphakathi lithe amaphoyisa awasoze alwa nobugebengu wodwa.
“Thina siyizitha zethu ezinkulu. Uma singayeka ukuthenga impahla eyebiwe ngabe abukho ubugebengu obuningi kangaka ezindaweni zethu.
Isithombe esingenhla: Isiteshi samaphoyisa saseNyanga
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze