
Sizwe Sibiya
Umculi wengoma ethi Isphithiphithi nophinde abe ngumdansi uPabi Cooper uhlezi ngokunethezeka endaweni yokuqala kumashadi omculo ku-YouTube.
Kusayisonto elilodwa kuphela kukhishwe ividiyo yomculo emangalisayo yengoma yakhe eyashisa izikhotha ethi, Banyana Ke Bafana, acula kuyo noFocalistic, uNobantu Vilakazi, uCh’cco kanye noLuuDadeejay.
Sekuphele izinyanga ezingaphezu kweziyisishiyagalombili uPabi Cooper ekhiphe ividiyo yakhe yokugcina yengoma yakhe yokuqala ethi Isphithiphithi acula kuyo nabaculi bama-piano abahamba phambili okubalwa kubo uReece Madlisa, uDJ Busta929 kanye noJoocy. Iculo elisha likaPabi Cooper selibukwe abantu abangaphezu kuka-400,000 kusukela likhishiwe, lidlula izingoma ezifana nethi-Chippi Ke Chippi eculwa nguMellow noSleazy nethi AboMvelo kaDaliwonga ayicula noMJ kanye nekaMellow noSleazy asebekhiphe izingoma zama-piano ezishisa izikhotha.
Ingoma ethi Isphithiphithi isibukwe abantu abangaphezu kwezigidi eziyisikhombisa kusukela yakhishwa ngoNcwaba nyakenye, okwenza uPabi Cooper, ogama lakhe langempela nguPaballo Basetsana Mothapo awine indondo ye-Amapiano Best Newcomer nyakenye.
Khonamanjalo uDaliwonga uhlezi endaweni yokuqala kwi-Top 100 Music Charts ku-iTunes SA lapho ngengoma yakhe ethi-AboMvelo amasonto amahlanu elandelana, kanti i-Banyana Ke Bafana kaPabi Cooper yehlele kunombolo yesi-15 ngemuva kokuthi ingene okokuqala kwabangu-10 ngomhlaka-25 kuNdasa.
Umthombo wesithombe Instagram
Umthombo wevidiyo: YouTube