Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Imboni yama-meter taxi isithathe igxathu elibanzi lesikhathi esizayo ngokwethulwa komklamo omkhulu wezimoto zikagesi e-Midrand ngoLwesibili. Izimoto abazozisebenzisa zizohamba amakhilomitha angu-420 uma zishajwe ngokuphelele.
Baqenisekise ukuthi ukucishwa kukagesi ngeke kubathikameze ngoba izimoto zizoshajwa.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa iPhini likaSihlalo we-Santaco metered taxi section uMnu Sibongiseni Shange uthe isimo somnotho esintengantengayo nokwenyuka kukaphethiloli ngezinye zezizathu ezenze ukuthi bethule izimoto ezisebenza ngogesi kuleli.
“Okwamanje sinezimoto ezingu-2 500 eGoli futhi sizodlulela KwaZulu-Natal nase-Free State maduze,” esho.
UShange wengeze ngokuthi sekuphele iminyaka eyisikhombisa lolu hlelo luqhubeka wathi bajabule ngokuthi lugcine luphasile.
Izimoto zizoshajwa ezindaweni ezisebenzela kuzo. UShange uthe nakuba izwe libhekene nenkinga yokucishwa kukagesi, abagibeli ngeke bebambezeleke ohambweni lwabo njengoba behlela ukuba nemishini yelanga ezinxanxatheleni zezitolo nasemarenki amatekisi.