Abalisa bacele umfundisi ukuthi abathandazele maqede bambulala

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Umfundisi webandla iSt John’s elokishini laseMfuleni, eKapa udutshulwe wabulawa ngabesilisa abemcele ukuthi abakhulekele.

Isakhamuzi esigodliwe igama laso, ebesisesontweni ngesikhathi kudutshulwa umfundisi, sithe laba bafike kumfundisi emuva kokuthi eseke wabhekana nequlu labantu abebedinga usizo lwakhe.

Uthe umfundisi ubesiza kakhulu futhi ezimisele ukusiza noma ngubani oswele ngaphandle kokubuza imibuzo.

“Akagcinanga ngokusiza amalungu ebandla kuphela kodwa nabahlali abangayi esontweni lakhe,” kusho isakhamuzi.

Umfundisi udutshulwe eqeda kuthandazela la madoda cishe ngo-7 ebusuku ngoLwesihlanu.

Isakhamuzi uPhumeza Dyamdeki uthe asizikholwanga lezi zindaba. 

“Ngesikhathi ngiqala ukuzwa ngayo ngicabange ukuthi bayadlala,” kusho yena.

UPhumeza nakuba engelona ilungu lebandla uthe ukhathazekile ngezigameko zokubulawa kwabantu eSt John’s futhi ukhumbula isigameko sangenyanga edlule lapho kubulawe izithandani ezingabaholi bebandla iSt John’s kwaLanga.

“Kuyakhathaza ukubulawa kwabantu okwenzeka esontweni,” usho kanje.

Umndeni kamfundisi oshonile uthe awukakulungeli ukukhuluma nabezindaba. 

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uKaputeni FC Van Wyk ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseMfuleni avule icala lokubulala kanti futhi athungatha abasolwa ababaleke endaweni yesigameko. 

Isithombe esingenhla: Isonto lapho umfundisi ebulawelwe khona. 

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva