Abalingani bakaZuma banxenxa ukuthi avunyelwe ukuyongcwaba umfowabo

Celani Sikhakhane

I-National Freedom Party izonxenxa uNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo, uRonald Lamola, ukuba anikeze lowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma ikhefu lozwelo ukuze akwazi ukuyongcwaba umfowabo omncane.

Umfowabo kaZuma, uMichael Zuma, udlule emhlabeni ngesonto eledlule esibhedlela i-Ntunjambili kulandela ukugula isikhathi eside.

Unkosikazi wakhe uMaZulu manje ungeniswe esibhedlela i-Ntunjambili ngemuva kokutholaka ukuthi unokhuvethe.

Umngcwabo womfowabo kaZuma uzoba ngoLwesine ekhaya lakhe eNkandla.

UNobhala Jikelele we-NFP, uMnuz Canaan Mdletshe, uthe ukuvumela lowo owayengumengameli ukuthi athathe ikhefu kuzosiza ekuboniseni ukuthi abaphethe njengamanje nguhulumeni onozwela nonakekelayo ikakhulukazi abantu abadala.

“Lowo owayengumengameli uZuma akasona isigebengu esinenkani. Akayona umuntu oyingozi ngakho-ke kufanele avunyelwe ukuyongcwaba umfowabo,” kusho uMdletshe.

Kungaba kuhle uma umuntu engabheka emlandweni wakamuva. Owayengumengameli wezwe uNelson Mandela uchaze kabanzi ngempilo yakhe, i-Long Walk to Freedom, ukuthi wezwa kangakanani ubuhlungu ngenkathi uhulumeni wobandlululo engamniki imvume yokuthi ayongcwaba unina nendodana yakhe.

I-NFP isibe ngumngani omkhulu kaZuma kusukela yasungulwa ngowezi-2011, ngemuva kokuthi umholi wayo uZanele KaMagwaza Msibi esule esikhundleni sokuba ngusihlalo kazwelonke weNkatha Freedom Party ukuze asungule iqembu lakhe.

“Sitshelwa ukuthi wayephatheke kabi, wayekhathazekile futhi enenhliziyo ebuhlungu. Kuyaqondakala lokho. Kodwa kwakunguhulumeni wobandlululo owayengenandaba nomuntu omnyama ngoba umuntu omnyama wayebukelwa phansi,” kusho uMdletshe.

UZuma udonsa isigwebo sezinyanga eziyi-15 e-Estcourt Correctional Centre ngokudelela inkantolo.

Izihloko zakamuva