Abalimi boHlanga bakhala ngezinhlelo ezibakhipha ngaphandle

Zukile Majova

Izinguquko zakamuva ezivumela ukuzikhiqizela insangu zikhipha inyumbazane ebhizinisini abalimi bendabuko eMampondweni.

Laba ngabantu okumele ngabe bayasijabulela isinqumo sikaMengameli uCyril Ramaphosa sokuthi iNingizimu Afrika isizothuthukisa ukukhiqizwa kwe-hemp nokuzonikeza izinkulungwane zabantu imisebenzi.

Kodwa ngesikhathi ngivakashela abalimi basemakhaya endaweni yase-Green Belt – i-Bizane, i-Lusikisiki, kanye nePort St Johns – ngithole ukuthi abalimi abakhiqiza insangu bekhathazeke kakhulu ngekusasa lomkhiqizo wabo ezweni lapho amakhasimende abo njengoba esevunyelwe ukuzitshalela insangu yabo.

Bathi isimemezelo sikaRamaphosa sekuphele iminyaka emithathu senziwa njengoba iNkantolo yoMthethosisekelo kade yagunyaza ukukhiqizwa kwensangu ukuze isetshenziswe abayibhemayo ngokukhululeka.

Abalimi balapha bathi abayitshali insangu ukuze bayisebenzise ngezinto zabo kodwa bayikhulisela ukuyidayisa futhi umthetho awukuvumeli lokho.

Ukukhiqizwa kwensangu eningi esemthethweni kuvumeleke i-hemp, okuwuhlobo oluhlukile lwensango olusetshenziswa kakhulu embonini yendwangu.

Kunokwesaba kulo mkhiqizo wamaMpondo kanye ne-hemp ekhiqizwa ngobuningi okungaholela ekupheleni komkhiqizo obuphuma kubalimi bamaMpondo.

UPhilasande Mahlakatha we-Umzimvubu Farmers Support Network uthe uhulumeni wenze iqembu elisha labatshali bensangu esikhundleni sokuthuthukisa abalimi bendabuko.

“Imboni entsha ekhulisa uhlobo lwensangu esingenayo lapha emaMpondweni. Le mbewu ivela phesheya kwezilwandle. Kumele uyithenge yize lokhu kulimaza abalimi basemaMpondweni abancishwa amathuba.

“Ukutshala i-hemp ukuze isetshenziswe njengomuthi kudinga ube nelayisensi ebiza u-R25,000. Udinga futhi izinsiza eziqinisekisa ukuthi uthobela imigomo ye-GMP yokukhiqiza kusho uPhilasande.

Abantu balapha bathi abaqondi ukuthi kungani i-hemp ithandwa kangaka kunensangu yasemaMpondweni, enazo zombili izinzuzo zokwelapha kanye ne-THC (tetrahydrocannabinol), uhlobo lwesidakamizwa olutholakala kwinsangu ekwenza kuzule ikhanda.

Eqinisweni, bafuna ukukhiqizwa kwe-hemp kwenziwe kude ne-Green Belt.

Scrolla World Cup Quiz