Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi
Abalimi bogwayi e-Zimbabwe bafuna ukuceba njengoba bekhuphule amahektha abo okulima ngo-4%. Bahlose ukuguqula iqabunga legolide libe imboni yezigidigidi zamarandi.
Abalimi batshele i-Scrolla.Africa ukuthi yize ukuguquka kwesimo sezulu kuphazamisa indlela yokuna kwemvula,babheke phambili enkathini ephumelelayo.
Umlimi wogwayi wase-Magunje esifundazweni sase-Mashonaland West, uCharles Marumbi uthe izitshalo zakhe zikhula kahle futhi ufuna ukwenza imali eningi kulo nyaka.
“Ngengeze amanye amahektha amabili phezu kwamahektha amathathu ebengiwalima. Ngizwile ukuthi kulo nyaka ugwayi oseqophelweni eliphezulu wezinkampani ezisezingeni eliphezulu ungase unyuke usuka ku-R60/kg owabekwanyakenye uye ku-R90/kg (US$3.5 – $5.40),” esho.
“Ngo-2021 inani lentengo lalingu-R45 (US$2.70/kg). Nginethemba elikhulu lokuthi amahlamvu ogwayi azonginika imali eningi kulo nyaka futhi ngizoqhubeka nokwandisa isivuno sami.”
Ugwayi ungenye yezinto ezithengwa kakhulu ngamazwe angaphandle e-Zimbabwe, abalimi abasafufusa banikela ngo-50% womkhiqizo wonyaka. Ngesizini edlule leliyazwe lathola u-R11,050,000,000 (US$650 million) ngokudayisela amanye amazwe ugwayi.
Umlimi wogwayi uSabastian Shelton Chakabvapasi uthe yize bengakhokhelwanga kahle ngo-2021 lokho akubavimbanga ukuthi baqhubeke nokulima ugwayi.
“Kwaba imvula encane kakhulu futhi yaphazamisa isivuno sethu … kodwa saqhubekela phambili,” esho.
“Kule sizini asizange siyinake indlela imvula enomthelela ngayo esivunweni sethu. Abalimi abaningi e-Magunje bandise amahektha ngoba bekhuthazwa intengo yanyakenye.”
Ngokusho kukanobhala jikelele womnyango wezolimo uJohn Basera uthe ukulima ugwayi kwenyukile. Imali engenayo ingase yenyuke ngalesi sikhathi sokuthengisa esiqala ngoNdasa.
Esithombeni esingenhla: Umlimi wogwayi ekhombisa umkhiqizo wakhe
Umthombo wesithombe: Imboni yoGwayi neBhodi lokuThengisa