
Joseph Chirume
Abalimi base-Zimbabwe bavuke umbhejazane ngemuva kokuthi uhulumeni enqabele ukuthengisela abathengi abazimele.
UMengameli u-Emmerson Mnangagwa uphoqe abalimi ukuthi bathengise izitshalo zabo kwimakethe kahulumeni i-Grain Marketing Board (i-GMB) noma babhekane nokushushiswa.
Ngokuvamile abalimi bathembele ekutheni bathengise izitshalo zabo kubathengi abazimele abathengisa ngamanani angcono kunohulumeni.
Abathengi abazimele bayathandwa ngoba bakhokha ngamadola aseMelika, uma behambisa ukudla – ngokungafani ne-GMB, ekhokha ngemali yendawo, isikhathi eside ngemuva kokuthi izitshalo zithunyelwe.
UMnangagwa usememezele ukuthi kuvalwe ukuhweba ngommbila kanye nazo zonke izitshalo ze-cereal ezweni lonke.
Lokhu kwenzeka njengoba izwe lisenkingeni enkulu yokuntuleka kokudla okubangelwa isomiso esiqopha umlando.
UMnangagwa usola abalimi abaqongelela umbila, ibhali kanye nokolweni. Kubikwa ukuthi abalimi baqongelela amabele njalo uma befuna ukukhokhelwa ngamadola aseMelika.
I-GMB ngoLwesithathu yengeze ubhontshisi, ukolweni kanye nebhali ohlwini lwezitshalo ezingathengiselwa uhulumeni kuphela.
Umphathi we-GMB uRockie Mutenha uthe, “Bonke abalimi noma abakhiqizi bezitshalo kumele bahambise umkhiqizo kunoma iyiphi idepho ye-GMB eseduze. Akekho ovunyelwe ukuthengisa noma ukuthenga ummbila kunoma yimuphi umkhiqizi olawulwayo ngaphandle kwe-GMB ngaphandle uma engusonkontileka osemthethweni obhaliswe kwi-Agricultural Marketing Authority of Zimbabwe.
“Labo abatholakala bephula imithethonqubo bazibeka engcupheni yokushushiswa, ukudliwa kwezitshalo kanye nenhlawulo ephindwe kathathu kwintengo yokuthengisa yomkhiqizo olawulwayo.”
Umlimi uBrian Sedze ubhale ku-Facebook wathi, “I-Zimbabwe ihlose ukuthengisa ummbila kwamanye amazwe ngamadola aseMelika angu-380 ngethani elikhokhelwa ngabalimi bezifunda zase-Zambia nazase-Malawi futhi bakhokhele abalimi bendawo amadola aseMelika ngemali engu-$140 ngenani elifanayo.
“Uma abantu bendawo bengalithandi lelo nani lentengo, ummbila uzothathwa ngenkani ngoba kuzobe kuwukumaketha eceleni uma bewudayisela omunye umuntu.”