Sizwe Sibiya
Ngenkathi abantu baseNingizimu Afrika bekhathazekile ngokuphunyula kukaShepherd Bushiri emngceleni, abalimi base-KZN abaseduze nomngcele wase-Lesotho abazi benzeni ngokwebiwa kwemfuyo yabo ngabelusi abavela ngale komngcele.
Abalimi abathintekile bavela e-Bulwer, e-Himeville nase-Underberg cishe amakhilomitha angama-40 ukusuka emngceleni we-Sani Pass eduze nase-Drakensberg.
URaymond Langa, umlimi wasendaweni yaseMakhuzeni utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi izinkomo nezinye izilwane ziyantshontshwa njalo kubantu bendawo futhi zihanjiswa ngale komngcele.
“Ukwebiwa kwemfuyo kuyinkinga enkulu kakhulu kubantu abahlala kuMasipala weDr Nkosazana Dlamini Zuma,” uyasho.
“Abantu beza lapha bezofuna umsebenzi futhi beza lapha ngokungemthetho bengenazo izincwadi zokungena noma izimvume. Futhi uma behamba, bahamba nemfuyo yendawo,” kusho uRaymond. Ubenezinkomo eziyi-16 ezebiwe ngonyaka odlule.
Uthe uma izinkomo zeqa umngcele cishe akunakwenzeka ukuzibuyisa futhi ukubamba amasela ngenkathi ehambisa izilwane ezintabeni e-Lesotho kunzima kakhulu.
“Sicabanga ukuthi laba bantu abasebenza bodwa. Kunabantu bendawo abasiza amasela ukuthi enze ubugebengu. Izinkomo azithuthwa emini. Zithuthwa ebusuku uma kunenkungu noma uma lina noma kubanda kakhulu,” kusho uRaymond.
Uthe kwesinye isikhathi bayazihlaba lezi zilwane.
“Okutholayo kuphela ikhanda namathambo.”
IMenenja kaMasipala we-NDZ uNkosiyezwe Vezi uthe udaba lwemingcele luyinkinga kazwelonke kodwa banezinhlelo zokulwa nodaba lwabantu bokufika ngokungemthetho abagasela kulo masipala.
UVezi uthe sebenamalungu eSANDF nethimba eliqapha umngcele kodwa ngenxa yokuthi izilwane zetshiwa ezimweni ezimbi zezulu abaphumeleli ekubambeni amasela emfuyo.