Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Abalimi base-Barkley East bathi bazunywe isiphepho futhi besaba ukuthi imfuyo yabo izofa ngaphandle kosizo.
Abalimi baseNelson Mandela Bay bathwele kanzima ngenxa yezikhukhula bathi abanayo ingqalasizinda efanele yokuvikela imfuyo yabo.
Abalimi base-Eastern Cape basemjahweni wokugcina izilwane zabo ziphila ngemuva kweqhwa nemvula esihlasele isifundazwe.
Isithwathwa simboze i-Barkley East nezinye izindawo ezinezintaba kusukela ngoMsombuluko. Imvula kanye nomoya oshubisa umnkantsha kuhlasele izindawo ezifana neNelson Mandela Bay, lapho izilwane zibhajwe khona odakeni futhi abalimi bakhungathekile.
“Senza konke okusemandleni ukugcina izilwane zethu ziphila,” omunye umlimi wase-Barkley East etshela iNewzroom Afrika. “Kepha isimo siya ngokuba sibi. Ngaphandle kokudla okwanele noma indawo yokuhlala efanele, abaningi ngeke badlule kulesi siphepho.”
UMnuz Mzukisi Mdayi, onguSihlalo weNelson Mandela Bay Farmers’ Association, uthe nakuba iqhwa likhathaza kodwa ingozi enkulu ngamakhaza nomoya.
“Yize sigome imfuyo ukuze ikwazi ukumelana namakhaza kodwa sinovalo lokuthi singase silahlekelwe,” usho kanje. “Asikho ezintabeni njenge-Barkley East, ngakho sinenhlanhla ngaleyo ndlela. Kodwa lapha sibhekene nezikhukhula futhi azikho izindawo zokukhosela noma imigwaqo yokuthola usizo.”
ISouth African Weather Service ixwayise ngokuthi amakhaza azoletha imvula, iqhwa nomoya onamandla ngoLwesibili. Ikhiphe isexwayiso sezinga Lesibili ngesimo sezulu esiphazamisayo.
Uhulumeni wase-Eastern Cape uthe unamaqembu ezinhlekelele asemi ngomumo. “Izikhungo zezinhlekelele zomasipala zinezinhlelo ezikhona zokuthi ziphendule ngokushesha uma kudingeka,” kusho isitatimende sesifundazwe.
Iqhwa livale imigwaqo eminingana. I-Lootsberg Pass ku-N9 phakathi kwe-Graaff Reinet ne-Middelburg . Ingozi yeloli eyenzeke ku-N6 ngaseKomani idale ukuchitheka kwamakhemikhali, kanti u-R61 phakathi kwe-Cradock ne-Graaff Reinet uqashwe ngeso lokhozi.

KwaZulu-Natal, i-Midlands ibhekene neqhwa nesithwathwa. Sekukhona isexwayiso sika-Level Two ezindaweni eziseduze koKhahlamba, okubalwa kuzo uThukela kanye ne-Harry Gwala District.
Amathimba ezinhlekelele eKZN asiqaphile isimo. UMnuz Senzelwe Mzila, okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uthe zizovulwa izikhungo zomphakathi uma kunesidingo.
“Besingakabi nazo izigameko, kodwa amathimba ethu asibhekile isimo ngeso lokhozi,” kusho uMzila.
Esithombeni esingenhla: Izilwane ezibhekene neqhwa.
Umthombo wesithombe: Facebook