Lubhalwe nguZukile Majova
Abalelwa ku-49 kuphela amaBhunu amukele isiphakamiso sikaTrump sokuba abafuduki, amanye athi asahleli futhi azolwela ushintsho.
Abalimi bafuna kuthathelwe izinyathelo ngobugebengu, imigwaqo emibi, ukungafinyeleli kahle ezimakethe kanye nokubambezeleka kukahulumeni.
Abalimi abaningi bezentengiselwano basenqabile isiphakamiso sikaMengameli waseMelika uDonald Trump sokuthuthela eMelika njengabafuduki, nokubeka ngokusobala ukuthi angeke babaleke ezweni labo.
AmaBhunu angu-49 kuphela agibele indiza eya eMelika ngeSonto. Abanye basala banikeza uTrump umunwe ophakathi.
Ngosuku lwe-NAMPO Harvest Day e-Bothaville, e-Free State, abalimi batshele iPhini likaMengameli uPaul Mashatile ukuthi bazibophezele eNingizimu Afrika, kodwa badinwe bagane unwabu ngobugebengu, imigwaqo engemihle kanye nokungasebenzi kukahulumeni.
INingizimu Afrika ibhekana nokubulawa kwabantu abangu-70 ngosuku, kanti abalimi basezindaweni zasemakhaya bathi bashiywe dengwane.
“Ukuphepha nokuvikeleka ezindaweni zasemakhaya yinto ekhathaza kakhulu,” kusho usihlalo wakwa-Grain SA, uRichard Krige. Abalimi bathi bafuna ukwakha izwe elingcono, kodwa abakwazi ukukwenza bebodwa.
UMashatile uzame ukudambisa isimo esishubile mayelana nomthetho omusha wokudliwa komhlaba, ethembisa ukuthi ngeke kube khona ukudliwa komhlaba. “Abalimi esihlangane nabo lapha bathi bayajabula ngokuhlala eNingizimu Afrika, abakufunayo nje ukuthi sisebenzisane nabo ukuze sibhekane nezinselelo esibhekene nazo,” usho kanje.
Kodwa abalimi bakhathele. Bathi basalwa nezinkinga ezifanayo unyaka nonyaka ukuhlaselwa ngobudlova, imigwaqo yasemaphandleni ewohlokayo, ukungakwazi ukufinyelela ezimakethe zomhlaba, kanye nohlelo lwezezimali olungabasebenzeli.
Khonamanjalo, uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uKhumbudzo Ntshavheni usigxekile isiphakamiso sikaTrump sabafuduki, wasibiza ngokuthi asinasisekelo.
Uthe amaBhunu awangeni kwincazelo yabafuduki ngaphansi komthetho wamazwe ngamazwe, futhi ikhabhinethi ishaqekile ngalesi sinqumo.
Amaphoyisa aphinde azichitha izinsolo zokuthi kunodlame olubhekiswe kubalimi abamhlophe.

Noma kunjalo, uTrump umise uxhaso lwaseMelika eNingizimu Afrika, wahoxisa u-R8-billion wokuxhasa i-HIV/Aids. Uphinde wesabisa ngokushaya intela engu-31% ekuthengisweni kwezinto kwaseNingizimu Afrika.
UMengameli uCyril Ramaphosa kulindeleke ukuthi ahlangane noTrump ngoLwesithathu ngomhlaka-21 kuNhlaba, kanti ezohwebo kanye noMthetho Wokudliwa Kwempahla ziseqhulwini ezintweni okuzokhulunywa ngazo.
Esithombeni esingenhla: IPhini likaMengameli uPaul Mashatile lihambele umbukiso wabalimi e-Bothaville, e-Free State
Umthombo wesithombe: @Goverment_ZA