Celani Sikhakhane
Abalimi abasafufusa KwaZulu-Natali baphakamise izikhalazo zabo mayelana nokunyuka kwentela kashukela abayichaza njengento efile kubona.
Lokhu kuza ngemuva kokuba amanye amaqembu ashicilele imibono yabo ephakamisa ukuthi uhulumeni kumele anyuse intela kashukela ukukhuthaza indlela ephephile yokuphila.
Usihlalo we-South African Developing Farmers Association, uDr Syabonga Madlala uveze ukuthi njengoba kwanyuswa intela kashukela eminyakeni edlule, abalimi abancane bayahluleka ukuqhubeka namabhizinisi abo.
Abathinteka kakhulu abalimi bomoba.
“Njengabalimi embonini yomoba, besilokhu silandelela izingxoxo kanye nokukhishwa kwemibono emaphepheni befisa uhulumeni ukuba akhuphule intela kashukela, futhi siyazibuza ukuthi lokhu kusho ukuthini emkhakheni wethu kanye nemfuyo yethu,” kusho uMadlala.
Amapulazi abalimi bomoba amaningi KwaZulu-Natali aphethwe abantu abamnyama abathola umhlaba ngesikhathi ubuyiselwa kubanikazi bawo.
Imiphakathi eminingi itholakala enyakatho nesifunda njengeMandeni, eShowe, e-Melmoth, eMthunzini kanye nezinye izindawo ezisenyakatho.
UMadlala uthe labalimi abasafufusa bangaphansi kwengcindezi ngoba izinkampani eziningi azisasebenzisi ushukela kumkhiqizo wabo.
Ngesikhathi sokuzitapela ezitolo kwasha kwangqongqa amapulazi angama-53 edolobheni KwaZulu-Natali ngisho namapulazi amancane aphethwe imindeni.
Lokhu kwaholela ekutheni abantu balahlekelwe imisebenzi kanye nemfuyo kunoma iyiphi imindeni ezizamela ngaleli bhizinisi.
Kusukela kwaqalwa ukunyuswa kwentela yashukela ngonyaka wezi-2016, imboni yashukela ithintekile kakhulu njengoba bamisa abasebenzi abayi-16,621 kwathi abasebenzi abayi-9,000 baphelelwa imisebenzi ikakhulukazi kumkhakha okhulisa umoba.
Iningi labantu abayi-16,621 abalahlekelwa imisebenzi baqhamuka emakhaya, lapho isimo sendlala siphezulu kakhulu.
Lokhu kugqugquzelwa amaqembu amaningi ngisho neqembu labomnotho, elezempilo nabasebenzela imphakathi bashicilele incwadi kumphathi zimali jikelele kanye nenkampani eqoqa intela u-SARS bencenga amaqemhu aseNingizimu Afrika ukuba ayiphinde kabili intela kashukela ukuze kukhuthazeke abantu ngendlela ephephile yokuphila – imvamisa yaziwa ngokuthi intela kashukela.
UMadlala uthe bayazeseka izinhlelo ezizama ukulwisana nezifo ezithathelanayo, kodwa bakhathazekile ngezinga eliphezulu lokungasebenzi osekuvele lidalwe ukunyuka kwentela kashukela.