Abalima insangu bafuna amalayisensi 

Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa

Abalimi abasafufusa bensangu ezindaweni zasemakhaya e-Eastern Cape bazizwa sengathi kumele bathole amalayisense okulima.

Kunzima kakhulu lokhu kumlimi (27) owaqala ukubamba iqhaza embonini yensangu eminyakeni emine edlule.

Lo mlimi odabuka e-Mcobothini, e-Lusikisiki ukwazile ukuthola indawo eseceleni lapho alima khona izihlahla zensangu ezingu-500 ngonyaka kanti unezinhlelo zokwandisa umkhiqizo wakhe.

Lo mlimi ucele ukungadalulwa igama ukuze ibhizinisi lakhe livikeleke – ikakhulukazi ngoba ubengakayitholi ilayisense.

Uthe usehambele imihlangano yokucobelelana ngolwazi ebihlelwe uMasipala wendawo Ingquza Hill ukuzokwazisa abalimi ukuthi kumele bathole amalayisensi okulima.

“Ukuthola amalayisensi okulima insangu kubonakala kunzima kakhulu kunalokho ebengikucabanga, kodwa bathembise ukuqhamuka nendlela eya phambili,” esho.

Uthe enye inkinga ukuthi amalayisense anikezwa abantu abenza ibhizinisi ndawonye – hhayi umuntu ngayedwana.

“Inselelo yami enkulu ukuthi abantu abaningi abafuni ukulima ngoba kuyibhizinisi elithatha isikhathi eside ngoba basuke bebheke ukuthola inzuzo ngokushesha. Ngakho-ke, kunzima ukwakha ibhizinisi nabantu abangazimisele ukusebenza,” esho.

Uthi kule ndawo kunzima ukwenza ibhizinisi nabantu abangahlali kulo mphakathi ngoba abamukelekile.

Kodwa-ke, phakathi kwalobu bunzima i-Eastern Cape isalokhu iyisifundazwe esinesibalo esiphezulu sensangu kanye namalayisense okulima insangu akhishwa kuleli.

“Amalayisense okulima insangu angu-91 anikezwe abalimi abancane, okuyisibalo esiphezulu samalayisensi 

akhishiwe ezweni,” kusho uNdunankulu u-Oscar Mabuyane ngesikhathi ethula Inkulumo yeSimo sesiFundazwe.

Enye inkinga abalimi ababhekene nayo ukutholakala benerekhodi lobugebengu ngesikhathi sokuhlolwa. Lokhu kungenxa yokuthi bebedayisa insangu ngokungemthetho ngaphandle kwelayisense.

“Iningi labantu bakithi banamarekhodi obugebengu okudayisa insangu futhi sibheke ukukhalaza kuhulumeni ukuze bathole ushwele ukuze ama-SMMEs [Small, Medium and Micro Enterprises] abuyele emuva aqale ukuhlanganyela ngokugcwele endaweni esemthethweni,” kusho uMabuyane.

UMphathi wezokuXhumana kumasipala wase-Ingquza Hill uBelwa Capa uthe abakawakhiphi amalayisense njengoba besesigabeni sokuqala sokuxhumana nabalimi bendawo.

“Sihlangabezane nezinkinga ezintathu. Abakhiqizi bethu abakhulu endaweni yase-Mantlaneni banerekhodi lobugebengu ngokudayisa insangu ngokungemthetho nokuyinkinga esesiyidlulisele kuNdunankulu,” esho.

UCapa uthe umasipala usadinga ukuhlonza isitshalo abalimi abazokwazi ukusikhiqiza. Kunezinhlobo ezahlukene zensangu, ezihlanganisa nalezo ezisetshenziselwa izinjongo zokwelapha nezokuzijabulisa.

Esithombeni esingenhla: Ipulazi lensangu e-Lusikisiki 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva