Abalandeli beMan United bahlela omunye umbhikisho

Dylan Bettencourt

Abathandi bebhola bazokhumbula indlela abalandeli be-Manchester United ababhikishela ngayo ubunikazi bekilabhu ngaphambi komdlalo wabo obalulekile ne-Liverpool. 

Umdlalo uye wabambezeleka ngesikhathi abalandeli begasela e-Old Trafford.

Ngesikhathi iqembu labalandeli be-Manchester United lithi lo mbhikisho ngeke ube impinda yezehlakalo ezilimazayo zesizini edlule, imizwa ivame ukukhuphuka ngeqembu eliqhubeka nokuntengantenga, futhi ukuphindwa kombhikisho wangaphambilini ngeke kuvunywe.

Iqembu labalandeli likuqinisekisile ukuthi lihlele umbhikisho wobunikazi bomndeni wakwaGlazer weqembu labo, nombhikisho olindelwe ngaphambi komdlalo wabo ne-Norwich ngoMgqibelo.

Kuthiwa imashi ebheke e-Old Trafford izoqala ngo-3 ntambama ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika kanti abalandeli becelwe ukuthi bangene enkundleni sekwephuzile ngemizuzu engu-17.

Lo mdlalo kuthiwa uzoqala ngo-4 ntambama ngoMgqibelo.

“Lena akuyona enye i-Liverpool,” kusho iqembu labalandeli.

“Lesi yisiqalo semibhikisho eqhubekayo, engapheli, esemthethweni nenokuthula ngezinyathelo ezibhekiswe kubanikazi. Siyazazi izinselelo esibhekene nazo futhi ngeke sintengantenge noma sigudluke kulokho esikufunayo.”

Leli qembu lithe abalandeli kumele beze nemibala yabo, izibhengezo, amafulegi nama-flare.

“Siyanidinga, sidinga ukuthi wonke umuntu abeke eceleni ukungezwani kwakhe nomunye. Ezinye izinto kufanele sizilwele,” besho.

Ukulandela izehlakalo ngaphambi komdlalo we-Liverpool owenza ukuthi abalandeli bacekele phansi izingxenye zenkundla, uJoel Glazer umemezele uhlelo lokwabelana nabalandeli ukuze enze abalandeli babambe iqhaza kakhulu ekuthathweni kwezinqumo zeqembu.

Cishe ngemuva konyaka futhi akuzange kube khona isiqinisekiso sokuthi uhlelo lokwabelana ngabalandeli luzoqhubeka yini.

UMalcom Glazer wathenga i-United ngo-2005 futhi wasebenzisa indlela yokunciphisa isikweletu sabo sika-R10 billion, kodwa eminyakeni engu-16 kamuva isikweletu seqembu sisahlezi kwinenani elifanayo.

Ngesikhathi uGlazer eshona ngo-2014, izingane zakhe eziyisithupha zazuza ifa leqembu kwathi uJoel no-Avram baba osihlalo ababambisene.

Kubikwa ukuthi i-United iyazi ngombhikisho ohleliwe.

Umthombo wesithombe: @Goal

Scrolla World Cup Quiz