Abalandeli belombhoxo bakhala ngonompempe othanda ukukhipha amakhadi abomvu 

Uvele waba sematheni ebholeni lombhoxo unompempe wakuleli uJaco Peyper okhiphe ikhadi kule mpelasonto, kubhala uLucky Maree.

Njengoba kubonakale sengathi uJaco Peyper wenze iphutha ngokukhiphela umdlali wase-England uFreddie Steward ikhadi elibomvu lokho kungamdalela izinkinga ezinkulu.

UJaco Peyper kanye nozakwabo uMarius Jonker abaziwa ngokukhipha amakhadi abomvu babheke kwiNdebe Yomhlaba yebhola lombhoxo behlome ngamakhadi aphuzi nabomvu aphuma ezikhwameni zabo.

Phakathi kukaPeyper noJonker nabanye onompempe, bobabili babukeka benamandla okuguqula iNdebe Yomhlaba yebhola lombhoxo

Uma ungawubukanga umdlalo we-Ireland ibhekene ne-England emdlalweni wokugcina we-Six Nation, mhlawumbe angeke uqonde ukuthi ngaphambi kwekhefu obephethe ibhola lase-Ireland uHugo Keenan ebeka ikhanda lakhe phansi wagijima ngesivinini eqonde kuFreddie Steward ovele waphendula ihlombe lakhe uKeenan wazishayisa kuyena. USteward mude kakhulu futhi ingakho uKeenan ezishayise engalweni yakhe.

UKeenan uvele wahlehla ngemuva kwalokhu wawa phansi wabamba ikhanda lakhe. Abalandeli be-Ireland bavele babanga umsindo ikakhulukazi ngesikhathi bevezwa kwi-big screen bebebhonga sengathi uSteward ugwazwe ngommese.

USteward ubonakala etshela unompempe ukuthi akanaso isikhathi sokusuka endleleni. UPeyper ohlale ebonakala ezimisele kakhulu uvele wamphendula wathi, kodwa ube naso isikhathi sokuphendula ihlombe lakho. Ngemuva kwalokhu bese kwaziwa ukuthi kuzolandela ikhadi elibomvu.”

UKeenan uvele wangaphikisa wabhekisa ikhanda phansi, kodwa engazi ukuthi yini esazobhekana nayo. Akekho obecabanga ukuthi mhlawumbe uziwise ngamabomu.

UPeyper unendlela yakhe yokukhipha ikhadi, akunjalo? Uvele avale umlomo, akhombise amahlombe aqinile ngemuva kwalokho aphakamise ingalo yakhe phezulu esuke iphethe ikhadi. Iphoyisa lomgwaqo kuphela elingenza lokhu. 

I-England ayizange ikhombise umndlandla umdlalo wonke. Eqinisweni bebedonsa kanzima njengoba bebebhekene ne-Ireland ekwazile ukunqoba i-Grand Slam, kodwa i-England izamile ukunyusa amasokisi ngemizuzu engu-40 kanti uSteward uyena okhombise ukuthi ubewuthokosele kakhulu lo mdlalo.

UPeyper umile kwelokuthi ubehamba ngomthetho webhola lombhoxo, futhi uqinisile le imithetho futhi uyisebenzisa ngothando.

Inkinga ikumthetho.

Njengoba sekusele izinyanga ezimbalwa kuqale iNdebe yoMhlaba, i-World Rugby kubukeka sengathi ifuna unompempe asebenzise isandla sensimbi kulo mdlalo.

Kodwa kubonakala sengathi abaqondi ukuthi umdlalo awubandakanyi unompempe kuphela uphinde ufake abalandeli abaningi emhlabeni wonke.

Isixazululo esilula ukuthi umdlali kumele abhekwe unompempe, kanti ithimba kumele linqume ngemuva komdlalo ukuthi isijeziso kufanele sibe yini. Cabanga ngomdlali evinjelwa ukudlala imidlalo emibili noma emine. Lokho kungaba unya, kodwa uma ukwenze ngemuva kokucabangisisa futhi ngaphandle kwengcindezi yomhlaba wonke.

Ukucela unompempe ukuthi alahle amakhadi akhe kufana nokucela i-Texan ukuthi ilahle izibhamu zayo. Bazokhala ngokulahlekelwa yilolo phawu lwamandla kuze kube yilapho bephoqeleka ukuthi bakwenze.

Sithandazela ukuthi kube ngaphambi kweNdebe yoMhlaba, kodwa lokho kubukeka kungeke kwenzeke. 

Isithombe esingenhla: UJaco Peyper ekhombisa ikhadi elibomvu

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva