Lucky Sithole
Ngonyaka wezi-1956, uTom van Vollenhoven, indoda ababeyibiza ngoVollies, waphenduka ekubeni yiqhawe ezikoleni zaseNingizimu Afrika zabafana abathanda ibhola lombhoxo, ngokukhishwa inyumbazane nokuhletshwa ngamagama azwelayo futhi abuhlungu.
Ngemuva kokuhlolwa okuyisikhombisa kumaBhokobhoko, wenza isono sokufulathela iNingizimu Afrika wayodlalela iqembu i-St Helens elalisezingeni eliphezulu endaweni yase-Lancashire ngalezo zikhathi.
Intukuthelo yabaphathi bebhola lombhoxo yayivutha umlilo.
UDanie Craven wasentshonalanga nesifunda, owaveza ukudinwa ngokufutheka njengexoxo yize kwakungekho okumphathe kabi, wakhuluma ngentukuthelo, wathi uVan Vollenhoven ngeke aphinde esaligqoka ijezi lamabhokobhoko.
Kuze kube namuhla, uVan Vollenhoven uyiqhawe ezincwadini zomlando weqembu i-ST Helens, futhi kunjalo, kodwa abaphethe ibhola lombhoxo eNingizimu Afrika babelikhulumile iphuzu labo. Ibhola lombhoxo ubeligcina, futhi uzohlala engumdlali weqembu elingakhulisekile.
Kubukeka kuzoba ingunaphakade, neqembu elingakhulisekile.
Ngonyaka wezi-1980, uNaas Botha wakhokhelwa kahle, futhi wahola ngasese, ngenkathi edlalela iqembu le-Northen Transvaal. Lapho-ke wayengumfana ogangile. Wazama ukuba umgadli weqembu le-Dellas Cowboys wehluleka waya e-Italy wayodlalela iqembu le-Rivingo. Sikhulume ngokukhombisa kwakhe umunwe ophakathi kwibhola lombhoxo eNingizimu Afrika!
Kodwa uBotha wayedlala ngokuzimisela futhi nabadumile ebholeni lombhoxo kwakumele bahlehle. Udlale ngendlela enhle kakhulu ngemuva kokungeniswa kabusha emidlalweni yamazwe omhlaba.
Ngesikhathi kufika indebe yomhlaba ngonyaka wezi-1995, iqembu elingakhulisekile lebhola lombhoxo laphenduka ihlazo, ngesikhathi uFrancois Pienaar, owayethandwa kakhulu esiza iqembu lebhola lombhoxo ukuba lingene kwindebe yomhlaba, wadlala ngendlela enobuchule waphinde waphakamisa igama lesizwe laba phezulu.
Kuze kube manje, uRassie Erasmus uphumile kwindebe yomhlaba. Ngokuphuma kwevidiyo, evezwe ngabantu abangaziwa, ephonsela inselelo iziphathimandla ukuthi zibambe umhlangano wokuqondiswa kwezigwegwe esithangamini esivulekile, njengoba kumele bonke abaphathi bomhlaba bebhola lombhoxo babukele njengamahhashi emjahweni – futhi, kuphephile ukusho ukuthi bazokwenza. Impi ihlanganiswe kahle futhi ijoyinwe ngokweqiniso.
kodwa uma uzibuza ukuthi ungakanani umonakalo ozobakhona ngemuva kwalokhu kungqubuzana, ungesabi. Lowo umqhudelwano omkhulu esiwubiza ngebhola lombhoxo, uhlale usinda ekuhlaselweni ngabazikhukhumezayo, futhi kuphephile ukusho ukuthi uzosinda nakulokhu.