Abalandeli bebhola base-Brazil bacekele phansi uhlelo lwe-VAR kulandela ukuhlulwa kwe-Gremio ngo 3-1 ekhaya

Dylan Bettencourt

Abalandeli beqembu lebhola lezinyawo i-Gremio e-Brazil baphendule ukuhlulwa kweqembu labo ngo 3-1 ngokungena enkundleni bazama ukucekela phansi uhlelo lwevidiyo elekelela unompempe (i-VAR).

Ukuthukuthela kubange udlame ngemuva kokuthi igoli lika-Elias Manoel linqatshwe yi-VAR, okwenze ukuthi i-Gremio ingakutholi ukudlala ngokulingana ekudinga kakhulu emdlalweni wabo ne-Palmeiras.

Abalandeli beqembu abakwazanga ukufihla  intukuthelo yabo njengoba bengene enkundleni, babhidliza indawo ye-VAR.

Iqembu labalandeli lize lazama ukugqekeza egumbini lokugqoka.

Yize i-Gremio inabadlali ababili bakudala be-Bayern Munich, uDouglas Costa kanye noRafinha, okwamanje bahlezi endaweni ye-19 emaqenjini aphezulu e-Brazil. Njengoba sekusele imidlalo eyi-11 nje kuphela, usongo lokwehliswa kuyinto esengenzeka.

Ukuhlulwa ngeSonto ebusuku kusho ukuthi i-Gremio isisele ngamaphuzu ayisikhombisa  njengoba inamaphuzu angama-26 kuphela ngemuva kwemidlalo engama-27 yeligi. Eqenjini eselinqobe iligi amahlandla amabili, ukwehliselwa ezansi kwetafula kuyinto engacabangeki kubalandeli nakubadlali ngokufanayo.

I-Gremio idlale esigabeni sesibili okokuqala eminyakeni eyi-16 ngesikhathi behlulwa ngowezi-2004.

Okulandelayo eqenjini elihlezi endaweni yesibili uma ubala usuka ngezansi kuligi, uhambo oluya ku-Atletico Mineiro ehlezi endaweni yokuqala kuligi futhi isahlulwe imidlalo emihlanu kuphela isizini yonke, uma iqhathaniswa ne-Gremio esahlulwe emidlalweni eyi-15 futhi ekwaze ukunqoba eyisikhombisa kuphela kuze kube manje kule sizini. 

Umthombo wesithombe: @SportBible

Izihloko zakamuva