Dylan Bettencourt
Imbalwa imidlalo yebhola emhlabeni edlula umdlalo womkhaya base-Argentina i-Rosario Central ne-Newell’s Old Boys.
Abalandeli bebhola esifundeni sase-Sante Fe bahlale njalo bewulangazelele lomdlalo.
Umdlalo womkhaya ubambezelekile ngeSonto ngemuva kokuthi abalandeli bajikijele inqwaba yamabhomu abizwa ngama-grenades enkundleni, kwashiya izimbobo endaweni yokudlala.
Kwividiyo kubonakala into ephoswa enkundleni ngaphambi kokuthi iqhume kudaleke umonakalo ngemuva kwalokho. Abekho abantu ababikwe ukuthi balimele ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
“Inqwaba yamabhomu abizwa ngama-grenades ajikijelwe enkundleni avule imigodi.
Umdlalo uyabambezeleka ngokusho umphathi wezokuphepha,” kubhala i-Newell Old Boys ku-Twitter.
Ezinsukwini ezintathu ngaphambi komdlalo, abalandeli be-Newell abangu-30,000 babuthane ngaphandle kwenkundla yeqembu ukuze bavalelise iqembi ngokubabonisa ama-granades.
Iqembu le-Newell lidume ngokuba nabadlali abafana noDiego Maradona kanye noLionel Messi ababedlala ohlangothini besadlalela leli qembu laphinde laqeqeshwa ilowo owayengumphathi we-Leeds uMarcelo Bielsa.
Iziqhumane ezihlanganiswe namabhomu zenze i-Newell inqobe ngo-1-0 ngemuva kokuthi umdlalo ugcine uqhubekile.
Igoli lesiwombe sesibili likaJuan Garcia linikeze leli qembu ukunqoba kwalo kwesine kule sizini, okulishiyele amaphuzu amabili kulabo abahamba phambili kwiligi nemidlalo eyisikhombisa asebeyidlalile selokhu kuqale iligi.
Umthombo wesithombe: @TheGuardian