Abalandeli bebhola bakuleli ongoma uyayona

Kubukeka sengathi abalandeli bebhola sebekhohliwe ukuthi bekunzima kangakanani ukungavunyelwa ukuya ezinkundleni zezemidlalo ngesikhathi sobhubhane lwe-Covid-19, kubhala uMenzi Magubane.

Njengoba i-Covid-19 isidlulile ayikho imikhawulo yokuthi abalandeli bahambele imidlalo ebukhoma ngobuningi, kodwa abalandeli bebhola bakuleli sebebuyele ekuziphatheni kwabo okubi.

Emasontweni ambalwa edlule kube neziqeshana zamavidiyo asabalalayo akhombisa abalandeli belwa ezinkundleni zezemidlalo.

Esokuqala kungesikhathi i-Orlando Pirates ihlula iMamelodi Sundowns ngo 3-0 kowandulela owamanqamu we-MTN8 enkundleni yezemidlalo i-Mmabatho emasontweni amathathu edlule. Kuleyo vidiyo abalandeli beSundowns bebelwa bodwa ngemuva komdlalo ngaphandle kwenkundla.

Ukuziphatha okufanayo kuphinde kwabonakala nangempelasonto ngoMgqibelo. Kulokhu kwenzeke ngaphakathi enkundleni yezemidlalo i-FNB ngesikhathi iPirates ihlulwa iSundowns ngo 4-0 kowamanqamu we-Carling Black Label Cup.

Ividiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana ikhombisa abalandeli bePirates belwa bodwa.

Imidlalo kufanele ihlanganise abantu bazo zonke izinhlanga ingabi yimbangela yodlame. Ngiyavuma ukuthi lezi zinto zenzeka yonke indawo emhlabeni – futhi abalandeli bajikelana bodwa ikakhulukazi uma amaqembu abo ehluliwe.

Ngisho nabadlali abasenkundleni bayalwa bodwa kodwa ukuziphatha okunjalo akufanele kushaywe indiva.

Okwenza kube kubi kakhulu ukuthi izingane bezibukela. Abalandeli bebhola bakuleli bavamise ukuya nezingane zabo ezinkundleni zezemidlalo. Izingane zisuke ziye lapho ukuyozizwisa ubumnandi, hhayi ukuyobona ukuziphatha okubi kwabantu abadala.

Ukuziphatha okunjalo kubeka isithombe esingalungile ngebhola lethu futhi abalandeli kufanele bazi ukuthi iligi inelungelo lokubavala ukuthi bangayi ezinkundleni zezemidlalo.

Esithombeni esingenhla: Abalandeli be-Carling Black Label Cup

Umthombo wesithombe: @SABCSport

Izihloko zakamuva