Menzi Magubane
Isizini entsha ye-DStv Premiership iqale ngesidumo njengoba abalandeli bejabulela ukubuya kwebhola lakuleli.
Konke kuqale ngoLwesihlanu ngesikhathi iMamelodi Sundowns iqhubeka nokwenza kahle ngesizini entsha.
IMamelodi Sundowns ihlule iCape Town City okuyilona kuphela iqembu elingakwazanga ukulehlula ngesizini edlule. Lo mqhudelwano ubungendlela obulindeleke ngayo wanikeza izihlwele ebezisondele kakhulu nenkundla yezemidlalo i-Cape Town ebezikuzele.
Lokhu kungokokuqala ngqa ukuthi abalandeli bavunyelwe ukuthi babuyele ezinkundleni selokhu kwaqala ubhubhane lwe-Covid-19 eminyakeni emibili edlule.
Hhayi-ke lokho sekwedlule manje, i-Premiership isibuyile futhi sesikubonile obekushoda. Impelasonto yokuvula ibe nokuthokozisayo, okumangazayo kanye nokucasula kancane.
Omunye umdlalo ophakamise amehlo bekuwumdlalo obuphakathi kwamaqembu aphuma KwaZulu-Natal iGolden Arrows neqembu elisanda kufika iRichards Bay ngoMgqibelo.
INatal Rich Boys ihlule Abafana Bes’thende egcekeni labo ngo 2-0 ukuqala isizini yabo ngendlela engcono kakhulu.
IChiefs iphoxekile ngemuva kokuthi iphinde ihlulwe iRoyal AM. Ngesizini edlule leli qembu laseThekwini lizethule ngokushaya iChiefs kabili kanti ngoMgqibelo liqhubeke lapho eligcine khona.
IRoyal AM yilona lodwa iqembu kwi-Premiership elingakahlulwa iChiefs. Omakhelwane beChiefs i-Orlando Pirates baqale kahle ngokushaya izimbangi zabo zase-Soweto iSwallows FC.
Kukho konke lokhu okwenzeke ngosuku lokuqala, umbuzo wokuqala osasele: ngubani ozovimba iSundowns ukuthi iphinde ivikele isicoco sayo seligi?
Image source: @Shalulile13