Lubhalwe nguRazeen Gutta
Abalandeli be-Arsenal abangaphezu kuka-20 baboshiwe e-Jinja e-Uganda ngoMsombuluko ngemuva kokubungaza ukuwina kweqembu labo lihlula i-Manchester United ngo 3-2 kanye nokwenza umbukiso wesicoco bebodwa.
Amaphoyisa athi abalandeli bebengenayo imvume edingekayo yokwenza umbukiso lapho uhide lwezimoto ezinhlanu ebezigcwele khona imigwaqo.
Omunye umlandeli waleli qembu lase-North London ubesesithombeni ephethe indebe abeyithenge esitolo sendawo ekhombisa ithemba abalandeli be-Arsenal abanalo mayelana namathuba okuwina isicoco se-Premier League kulo nyaka.
Umphathi wamaphoyisa esifundeni uJames Mubi ungomunye wabalandeli abambalwa be-Arsenal abangakagubhi lutho futhi kunalokho ubona kukuhle ukuboshwa kwabalandeli.
“Bekuzokwenzekani ukube kuqubuke ingxabano nabalandeli abayizimbangi? Abazange bawazise amaphoyisa ukuthi avikele umbukiso wabo,” kusho uMubi kwi-BBC ngesikhathi ebuza ukuthi kungani imigubho igcwele kangaka phakathi nesizini.
Abalandeli okukhulunywa ngabo abakwazanga ukubona uhlangothi olubucayi njengoba bebehleka ngesikhathi beboshwa.
“Angazi ukuthi senzeni kodwa besibungaza ukuwina ngemuva kokuhlula izimbangi zethu i-Manchester United,” kusho omunye wabalandeli kwi-Daily Monitor yase-Uganda.
Esithombeni esingenhla: Abalandeli be-Arsenal ababoshwe e-Uganda
Umthombo wesithombe: @bbc