Abalandeli beBafana Bafana bajabulele ukuhlulwa kwe-Ghana inenebulwa i-Morocco

Menzi Magubane

Ukuhlulwa kwe-Ghana idlala ne-Morocco emdlalweni wokuvula we-African Cup of Nations (Afcon) ngoMsombuluko kulethe injabulo kubathandi bebhola baseNingizimu Afrika.

Abantu baseNingizimu Afrika abakaxoli ngokwenziwa i-Ghana ngesikhathi iguqisa iBafana Bafana ngoLwezi ngonyaka odlule. Lokho kwaholela ekutheni iBafana yehluleke ukungena emidlalweni yendebe yomhlaba ye-FIFA  ezoqala ngasekupheleni kwalonyaka. 

IBafana Bafana yazama ukusebenzisana ne-South African Football Association (Safa) ukuze baphikise isinqumo ebesiyindida kakhulu kodwa leso sicelo sachithwa.

Ukuhlulwa kwe-Ghana ngoMsombuluko kujabulise abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika. Empeleni noma iliphi iqembu elizonenebula  i-Ghana kulo mqhudelwano lizoba ngabangani beNingizimu Afrika.

Ngemuva komdlalo wangoMsombuluko abalandeli  bebejabule kakhulu ezinkundleni zokuxhumana.

“Sibonga i-Morocco ngokushaya i-Ghana. Seningabangani nabalandeli beBafana Bafana,” kusho umlandeli ebhale ku-Twitter.

Omunye umlandeli uthe sibonga i-Morocco, lezi zigebengu zase-Ghana akumele zingene kulamaqembu angu-16 azokhethwa ngenxa yento ezayenza kuBafana Bafana.”

Oziqoke ukuba ngumlandeli wokuqala weBafana, uSaddam Maake, ubhale wathi: “Tjovitjo,  kwaze kwamnandi ukubonai-Ghana inenebulwa  i-Morocco ngoMsombuluko ebusuku. Waphetha ngokuthi Viva Morroco”. 

Omunye osebenzisa u-Twitter ubhale ukuthi ziyakhalake manje e-Cameroon, izikhulu zase-Ghana azikwazanga ukufumbathisa wonke umuntu. Ngibonga uMdali ngokuthi bahluliwe . Ngizoqamba ingane yami ngokuthi uMorocco,” kusho uNMochelete.

Emdlalweni wabo olandelayo i-Ghana izobhekana ne-Gabon esendaweni yesibili ngoLwesihlanu bese kuthi ngoLwesibili oluzayo idlale ne-Comoros emdlalweni wokugcina ka-Group C.

I-Morocco izobhekana ne-Comoros ngoLwesihlanu, kanti i-Gabon ngoLwesibili oluzayo izoqedela umkhankaso wayo wokuhlungela amaqoqo.

Umthombo wesithombe: @CafOnline

Izihloko zakamuva