
Menzi Magubane
Abalandeli be-Orlando Pirates kufanele bazinyeze ngendlela abaphathe ngayo uJoy “Mama Joy” Chauke ngesikhathi esenkundleni yezemidlalo i-Orlando ngesonto eledlule.
Bekuyindaba ebangela amahloni. Ubizwe ngomqambimanga engomeni yabalandeli bamaBhakabhaka ngesikhathi ehambele umdlalo obuphakathi kwe-Pirates ne-Chippa United ngoLwesithathu olwedlule.
Lokhu bekungadingeki, ikakhulukazi njengoba ebe ngumlandeli we-Orlando Prates iminyaka engu-20 ngaphambi kokushintshela kwi-Royal AM ekuqaleni kwesizini.
Bekubuhlungu ngempela ukubona indlela aphathwe ngayo, kodwa kumele ngimshayele ihlombe ngokuba namandla.
“Ngithukile ngesikhathi ngiya emdlalweni we-Pirates futhi ngidelelwa ngabanye abalandeli. Bengiqala ngqa ukuba yilowo muntu odelelwayo,” kusho yena ephawula ngempatho ayitholile.
“Kuyenzeka ukuthi abalandeli kwesinye isikhathi badelele abadlali, kodwa mina? Angazi ukuthi ngenzeni ukuze ngidelelwe ngabalandeli be-Pirates.”
UMama Joy okhungathekile wengeze ngokuthi abalandeli be-Orlando Pirates kumele basihloniphe isinqumo sakhe sokweseka i-Royal AM.
“Ngihlezi ngiya enkundleni ngoba uma ugomile ungahambela noma yimuphi umdlalo owufunayo,” esho.
“Bengingakaze ngicabange ukuthi ukuya enkundleni yezemidlalo i-Orlando kuzogcina kunje. Ngiye ngabajoyina ngesikhathi becula ingoma ethi Mama Joy unamanga. Bengikhona laphayana ukuzocula nokudansa nabalandeli.”
Iqembu elikhethwe nguMama Joy, i-Royal AM liseduze nokuqopha umlando ngokungenela umqhudelwano we-CAF Confederation Cup okokuqala ngqa.
Njengoba sekusele imidlalo emine ngaphambi kokuthi kuphele isizini, i-Royal AM isendaweni yesibili kwi-DStv Premiership ngamaphuzu angu-45 – idlula i-Cape Town City ngephuzu elilodwa ne-Pirates ngamaphuzu amahlanu .
Umthombo wesithombe: @Goal