Abalandeli be-Nigeria baphuke izinhliziyo ngesikhathi i-Congo iqeda amaphupho eNdebe yoMhlaba

Lubhalwe nguRorisang Modiba

UFrank Onyeka we-Nigeria ushaye igoli kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba, kodwa i-Democratic Republic of the Congo yakwazi ukulinganisa.

I-Democratic Republic of the Congo iwine ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenalthi ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 1-1, yakhipha i-Nigeria futhi yadlulela kuma-playoffs omhlaba.

Amaphupho eNdebe Yomhlaba ashabalele kubadlali base-Nigeria, futhi abalandeli baphuke izinhliziyo ngesikhathi i-Democratic Republic of Congo inqoba sekukhahlwelwa amaphenalthi.

Ubusuku buqale ngethemba.

UFrank Onyeka ushaye igoli ngomzuzu wesithathu ngemuva kokuthi ibhola lakhe liphambana noLionel Mpasi-Nzau, abalandeli bebejabule kakhulu.

Kodwa leyo njabulo yashabalala ngesikhathi uMeschack Elia efaka igoli ngosizo lukaCedric Bakambu ngomzuzu ka-32. Kusukela ngaleso sikhathi, i-Congo ikhombise ukuzethemba yaqala yaba nomfutho.

Igalelo libe nzima kakhulu ngesikhathi umgadli uVictor Osimhen ephuma enkundleni kuyiwa ekhefini. Ngaphandle kwakhe, ukuhlasela kube nzima, njengoba uChidera Ejuke noToluwalase Arokodare bephushele ukushintsha umdlalo.

UStanley Nwabali ugcine i-Nigeria iphila ngokubamba amagoli amaningi. Imizamo yakhe ufikise iqembu kumaphenalthi, yanika abalandeli ithemba lokugcina.
Kodwa akuhambanga ngendlela abebefisa ngayo.

UCalvin Bassey ugejile, kwathi uMoses Simon walandela naye waphinde wageja.

UNwabali ukwazile ukuvimba amagoli amabili amakhulu, kodwa uMbemba ushaye igoli elisize i-Congo yanqoba umdlalo.

I-Congo, eyagcina ukufinyelela eNdebeni yoMhlaba ngo-1974 idlulele kuma-inter-confederation playoffs ngoNdasa.

I-Nigeria iphume kabuhlungu kumkhankaso wokungena eNdebeni yoMhlaba esibadlule kabili izikhathi zilandelana.

Esithombeni esingenhla: AmaSuper Eagles.

Umthombo wesithombe:

@ng_supereagles

Izihloko zakamuva