Abalandeli be-Celtic bazimisele ukubuyisa iqembu labo

Kabelo Tlhabanelo

Abalandeli abayisithupha be-Bloemfontein Celtic, okubalwa kubo nomlandeli odumile webhola uBotha Msila, bathathe uhambo oluyingqophamlando lwamakhilomitha angu-65 ukuze bahlenge iqembu lebhola abalithande  kusukela besayizingane.

Uhambo oluyisikhumbuzo luqale e-Bloemfontein lwathatha umgwaqo kazwelonke u-N8 obheke e-Thaba Nchu e-Free State.

“Nginamaqhubu ezinyaweni kodwa angikhonondi. Lolu wuhambo olude lokubuyisela i-Bloemfontein Celtic,” kusho uMsila Msila owaduma umhlaba wonke ngesikhathi ehamba ecela ukugitshezwa izimoto esuka eKapa elibangise e-Cairo ngesikhathi se-Africa Cup of Nations yango-2019.

“Lolu bekuwuhambo lokuqwashisa abantu ngomkhankaso wokuthenga i-Celtic. Sikwazile ukuheha abantu futhi nginomuzwa wokuthi inhloso yethi isifezekile,” etshela i-Scrolla.Africa.

Ubonge abashayeli bamatekisi abababone behamba ngezinyawo babanikeza amanzi.

Omunye obebambe iqhaza uVelile Notito uthe usuke kwakhe e-Welkom ukuyohlangana nabanye e-Bloemfontein.

“Nginesisu esikhulu futhi isisindo sami silinganiselwa ku-107 kilograms. Abaningi bebengabaza ukuthi ngingakwazi ukuhamba amakhilomitha angu-65. Imilenze yami ibuhlungu manje kodwa ngihlele ukuzitholela amateku amasha”.

Abalandeli bathe kusazoba nohambo olude futhi bakhuthaze abalandeli be-Celtic ukuthi babajoyine.

ULebagang Smith uthe “uhambo olude engike ngaluhamba ngezinyawo ngaphandle kwalolu kwaba ngamakhilomitha angu-22 ngesikhathi ngiyofuna umsebenzi futhi ngibuyela ekhaya”.

UNowa Poonyane uthe uyaziqhenya ngokuba ngomunye wababambe iqhaza.

“Ngesikhathi sifika, usokhaya usilungiselele ukudla futhi amagatsha afike neminikelo ayitholile. Abantu bendawo bacelwe ukuthi beze nemali engu-R20 ukuze bahlanganyele nathi kulo mbuthano”.

Bathe bazobheka ibanga lokuhamba ngezinyawo eliphakathi kwamakhilomitha angu-50 kuya kwangu-70 uma sebeshintsha indawo abazoqala kuyo nabazogcina kuyo ngokuzayo.

Umshayeli wetekisi uMotswaledi Sempe uthe ukujabulele ukubasiza ngamanzi.

“Ngingusomabhizinisi obone ithuba lokwenza lokhu ngoba utshalomali. Uma iqembu libuya ngizogibeza abalandeli abazobe beya enkundleni etekisini lami,” usho kanje..

Umthombo wesithombe: @NoahPoonyane

Izihloko zakamuva