Abalandeli baZuma bamcasukele

Celani Sikhakhane

Amalungu eRadical Economic Transfomatuon (RET) awayizwa kahle eyokuthi lowo owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma aphakamise ukuba aseke lowo owayengunkosikazi yakhe uNkosazana Dlamini-Zuma.

Kubikwa ukuthi ngomhlaka-12 kuMandulo uZuma utshele uNobhala Jikelele we-ANC osamisiwe u-Ace Magashule kanye nethimba lakhe eNkandla ukuthi unethemba lokuthi bazokwesekela uDlamini-Zuma  kwesobuMengameli.

Amaqabane e-RET abhekisa amabombo eNkandla ngeSonto ukuyofuna ukucaciseleka ngalolu daba ngaphambi kwengqungquthela ka-55 yokukhetha ubuholi be-ANC.

Ababambe iqhaza kwi-Whatsapp Group yabangani bakaJacob Zuma bafuna uZuma aziqhelelanise nowayengunkosikazi wakhe njengoba bekholelwa ukuthi ubeseka uRamaphosa kusukela ngo-2017 ngemuva kwengqungquthela yokukhetha ubuholi e-Nasrec.

“Siyakubona ukuchithwa kukamama uZuma ngamaqabane e-RET. Kimina uphumile. Yize amaqabane enawo umlando ngoLindiwe Sisulu, okungenani waphumela obala ngamaphutha e-ANC okuhlanganisa nendlela aziphatha ngayo mayelana namaqabane e-RET kanye nemigomo uma uthanda. Ube nesibindi sokusijoyina eNkandla ngesikhathi engafanele ukwenza lokho,” kusho omunye obebambe iqhaza.

Okhulumela i-RET uNkosentsha Shezi ukuqinisekisile kwi-Scrolla.Africa ukuthi ngempela bazohlangana nowayenguMengameli njengomholi wabo ukuze kudingidwe izindaba ezithile ngeSonto.

Kodwa-ke “uma sikhuluma ngabaqokelwe i-ANC sikwenza lokho njengamalungu e-ANC   emagatsheni ethu, hhayi njengeqembu le-RET,” kusho uShezi.

Ngo-2016 uZuma watshela amaqabane akhe e-Greytown ngesikhathi kukhunjulwa isishoshovu uFlorence Matomela ukuthi i-ANC kumele igcinwe emndenini wakwaZuma naseNkandla.

Ngaleso sikhathi, ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi e-Nasrec uDlamini-Zuma wayesakhankasela isikhundla sikaMengameli we-ANC.

Okhulumela iNhlangano kaJacob Zuma uMzwanele Manyi, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abaphawuli ngezindaba zezombusazwe ngoba bakwinhlangano kaZuma kuphela.