Dylan Bettencourt
Qhude manikiniki zindala zombili njengoba i-DStv Premiership kanye ne-English Premier League izonika abalandeli into abazokhuluma ngayo njengoba kuzobhekana amaqembu amakhulu.
Ibhola lakuleli kuzobe kubhekene i-Orlando Pirate kanye neMamelodi Sundowns, umdlalo ozobe ubhekwe ngamehlo abomvu ngendlela abaziwa bedlala ngayo.
Ngemuva kwemidlalo emine, kubukeka ngathi iqembu le-Sundowns lingayithatha indebe futhi, kodwa ukuwina kwe-Pirates kungabathatha kubabeke ezingeni eliphezulu. Okubaluleke kakhulu, ukunqoba okuhle ama-Brazilians.
Umdlalo we-Orlando Pirate ozobe udlalelwa enkundleni yase-Soweto kubukeka kuzoba umdlalo oshubile njengoba i-Pirate kulindeleke ukuba isitshengise ukuthi iqembu le-Sundowns amanzi amancane. Umdlalo ulindeleke ukuba uqale ngoMgqibelo ngehora lesithathu ntambama, kanti uzodlala kwi-DSTV channel-202.
Ngaphezu kwalokho, i-English Premier League ilindeleke ukuba ilethe umdlalo oshubile njengoba kuzobhekana iqembu le-Chelsea kanye ne-Manchester City kanti izobe ibhekwe ngamehlo abomvu le midlalo njengoba kuzodlala amaqembu athandwayo emhlabeni.
UPep Guardiola kanye neqembu lakhe bazobe befuna ukuziphindiselela eqenjini le-Chelsea. Njengoba selokhu bahlangana ne-Chelsea, isibahlule amahlandla amathathu, kubalwa nangesikhathi sendebe ye-UEFA Champions League kowamanqamu ngoNhlaba.
Umdlalo ulindeleke ukuba uqale ngehora le-1.30pm ngoMgqibelo.
Umdlalo omkhulu we-Arsenal ezobe ibhekene ne-Tottenham Hotspur ulindeleke ukuba udlale ngeSonto. Lo mdlalo uzobe ushubile njengoba amaqembu womabili azobe efuna ukuzikhombisa ukuthi ngubani ungqondongqondo we-North London.
Lo mdlalo uzoqala ngehora le-5.30pm ngeSonto kwi-DStv channel-203.
*Amabhokobhoko njengoba ehluliwe anethemba lokubuyisa isithunzi seqembu njengoba bezodlala nama-All Blacks imidlalo emibili kwi-Rugby Championship.
Ngemuva kokuhlulwa kabili bedliwa iqembu le-Wallabies, amabhokobhoko afuna ukuwina indebe yomhlaba, kodwa ukuhlula iqembu lama-All Blacks kuzobasiza kakhulu hhayi abadlali kuphela kodwa nesizwe sonke.
*Umdlalo ozobe ubhekene ne-New Zealand ulindeleke ukuqala ngehora lesishiyagalolunye ngoMgqibelo ekuseni enkundleni yase-Queensland Country Bank.
Umdlalo uzobukwa bukhoma kwi-DStv channel-201.
*Umdlalo wesibhakela uyabuya kulempelasonto futhi abalandeli balindele ukubona isigaba sesibili phakathi kukaLewis Hamilton noMax Verstappen. Ngabe umjaho ozowenzeka e-Sochi Autodom edolobheni lase-Black Sea resort we-Sochi in Krasnodar kanye ne-Russia uzobe ujabulisa njengowe-Italian Grand Prix? Mhlawumbe cha.
Ulindeleke ukuba uqale ngehora lesibili ngeSonto.
Umthombo wesithombe: @SowetanLIVE