Dylan Bettencourt
Iqembu lase-Dutch i-Feyenoord lizobona umphathi-jikelele wesithathu eminyakeni emihlanu eshiya iqembu ngemuva kochungechunge lwezinsongo ezivela kubalandeli baleli qembu.
UMark Koevermans wesula esikhundleni njengoba esabela impilo yomndeni wakhe kanye neyakhe ngemuva kokuthola izinsongo.
Iqembu lidume ngabalandeli balo abanomsindo, futhi abathandwa kakhulu.
Abalandeli bahlasele umuzi kaKoevermans ngokuphihliza amafasitela endlu yakhe bagcoba isicabha sakhe ngopende.
“Isizathu esikhulu sokuhamba kwakhe ukuthi ngemuva kochungechunge lwezigameko, uKoeverman uzizwe engeke esakwazi ukusebenza ngendlela efanele noma enze izinqumo ngaphandle kokwesaba umthelela ekuphepheni kwakhe nomndeni wakhe,” kusho isitatimende se-Feyenoord.
Umphathi-jikelele wezwa ulaka lwabalandeli ekuqaleni kwalo nyaka ngesikhathi izinhlelo zokwakha inkundla entsha nokususwa kwe-“De Kuip” abayithandayo kucasula abalandeli beqembu, ngokusho kwe-Algemeen Dagblad.
“I-Feyenoord ibisondelene nenhliziyo yami kusukela isasungulwa. Kubuhlungu ukuthatha isinqumo esifana nalesi,” kusho uKoevermans esitatimendeni.
UKoevermans, owayengumdlali wethenisi oqeqeshiwe, waba ngumqondisi wezohwebo weqembu lase-Dutch ngonyaka wezi-2009 ngaphambi kokukhushulelwa esikhundleni sokuba umphathi-jikelele ngonyaka wezi-2019.
Lo mdlali oneminyaka engama-53 ubudala uzoshiya ngokusemthethweni isikhundla sakhe mhla zizinye kuZibandlela wezi-2021 ngemuva kokuchitha iminyaka eyi-12 neqembu.
Umthombo wesithombe: @Detv