Abalandeli bamaBhakabhaka bazojoyina imashi ye-EFF

Dylan Bettencourt

Abalandeli be-Orlando Pirates  bazojoyina imashi yangoLwesine ehlelwe i-EFF yokufuna ukuthi abalandeli babuyele ezinkundleni.

Igatsha leZimnyama,  i-Orlando Pirates Gauteng Provincial Supporters (i-GPSS) lumemezele ukuthi luyayiseka le mashi.

UMpho Leeu, obhekelele ezokuxhumana nomphakathi ku-GPSS, uthe abalandeli bakhathazekile njengoba benganikwanga ithuba lokuyobuka ibhola ezinkundleni.

“Besivele sinezingxoxo nangaphambi kokuthi i-EFF iqale lokhu,” kusho uLeeu etshela i-Soccer Laduma.

Ngesonto eledlule uhulumeni waseNingizimu Afrika ukhiphe isitatimende esiseka isinqumo soMnyango Wezemidlalo, esithi abalandeli banikezwa ithuba lokungena ezinkundleni zemidlalo kusukela ngonyaka odlule inqobo nje uma sebegome ngokugcwele.

Yize abalandeli be-Pirates bengaceli ukuthi bavunyelwe ukungena enkundleni bengagonywanga, isicelo sabo ukuthi baphathwe ngendlela efanayo nezinye izinhlaka.

Imithethonqubo yamanje evela kuhulumeni waseNingizimu Afrika ivumela abantu abangafika ku-2,000 ukuba bahambele imibuthano yangaphandle.

ULeeu uthe bayabuqonda ubungozi be-Covid-19, kodwa abalandeli bezemidlalo bazizwa bebandlululwa. Ufanise imibuthano yezepolitiki kanye nemibuthano yamasonto evunyelwe ukusingatha isibalo esikhulu sabantu.

“Uma uhulumeni ekhuluma ngezindlela zokuziphilisa, kuthiwani ngezimpilo zabantu abathembele emidlalweni edlalwa ezinkundleni?” kubuza uLeeu.

“Kunabantu abadayisa ukudla nezinto zemidlalo ezinkundleni. Kunamatekisi athembele ukuthutha abantu ukubayisa nokubabuyisa ezinkundleni zemidlalo. Uthini uhulumeni ngalokho?”

Ephendula ngale mashi, uNgqongqoshe wezeMidlalo, uMnu Nathi Mthethwa, uthe noma bengathuka inhlamba noma babukele phansi umsebenzi wakhe kodwa akukho okuzomsabisa  yena nomnyango wakhe ekuthatheni izinqumo ngendlela efiswa ngabantu.

“Isu lezwe lokubhekana ne-Covid-19 linconywa emhlabeni wonke ngokufuna ukulingana phakathi kokusindisa izimpilo nokuziphilisa,” kusho uMthewa esitatimendeni.

“I-EFF kufana nokuthi ithela amanzi emhlane wedada uma icabanga ukuthi lokhu abakufunayo bazokuthola.” 

Umthombo wesithombe: @OrlandoPiratesFC

Izihloko zakamuva