Dylan Bettencourt
UMgqibelo ubukeke njengethuba elihle kubantu bakuleli ukuthi bagubhe uSuku lwamaGugu ngezemidlalo.
IBafana Bafana ibibhekene ne-Sierra Leone kanti lowo mdlalo ulandelwe umdlalo wamaBhokobhoko ebhekene ne-Argentina.
IBafana ibidlala umdlalo wobungani ngesikhathi amaBhokobhoko ebhekene nenselelo enzima yokuzama ukuwina isicoco se-Rugby Championship.
Kodwa, ngokudabukisayo kube khona umehluko ocacile nosobala phakathi kwemidlalo emibili.
Umdlalo weBafana Bafana ubusenkundleni yezemidlalo i-FNB e-Soweto, okungenye yezinkundla ezinkulu emhlabeni kodwa yize amathikithi ebiza u-R40 inkundla ibingenamuntu.
Ngakolunye uhlangothi amaBhokobhoko ebedlala ne-Argentina enkundleni yezemidlalo iKing Parks, eThekwini futhi le nkundla ibigcwele phama. Zonke izihlalo bezigcwele yize amanye amathikithi ebebiza u-R400.
Umbuzo uthi, kwenzeke kanjani lokho?
Uma kukhulunywa iqiniso, ibhola lombhoxo livame ukuba nababukeli abaningi kungakhathaliseki ukuthi imidlalo yezwe noma yasekhaya.
Kungase kube indaba yokuzijabulisa nje. IBafana Bafana iwine ngo 4-0 okusikisela umdlalo omnandi kodwa ngeshwa kuyona ibibhekene ne-Sierra Leone, okuyiqembu elibekwe endaweni ka-113 emhlabeni.
Kodwa-ke noma ngabe iBafana inesizathu esibalulekile sokudlala ukungabibikho kwabalandeli kuhlezi kukhulunywa ngakho. Ingabe kungenxa yokuthi bayisicefe?
Ngesikhathi se-Covid-19 abalandeli banikezwa ithuba lokuhambela imidlalo yeBafana Bafana mahhala uma begonyiwe kanti nalapho inkundla yayingenalutho.
Uma i-South African Football Association (Safa) ingathatha izeluleko zomphathi uHugo Broos futhi inikeze iqembu lesizwe imidlalo enzima uma libhekene nezimbangi ezisezingeni eliphezulu, lokho kungaheha izinkumbi zabantu.
IBafana ibhekane ne-France ekuqaleni kwalo nyaka e-Europe kodwa ukube lo mdlalo ubudlalelwa ekhaya inkundla ibizogcwala abalandeli.
Kodwa futhi idinga ukwehlela engqikithini yothando, lapho ukuwina nokulahlekelwa empeleni kusho okuthile. Ukuthi amaBhokobhoko ayawina noma ayahlulwa, kukhulunywa ngalowo mdlalo amasonto amaningi.
Kodwa-ke kwiBafana ukuwina kungase kwenze ukuthi kukhulunywe ngayo ngosuku olulandelayo ngaphambi kokuthi konke lokho kuphele.
Kunenhlansi elahlekile kwiBafana. Kodwa nakuba kubonakala sengathi kuyinto engeke ilunge manje, ngolunye usuku iqembu lesizwe lebhola liyophinde ligqame futhi.
Umthombo wesithombe: @