Abalandeli bakhala ngomculi oseyipigogo 

Lubhalwe nguQueenEsther Iroanusi

Isihlabani sase-Nigeria uBurna Boy ufike sekudlule isikhathi ngamahora ayisithupha emcimbini obuse-Lagos wabe esetshela izihlwele ukuthi kufanele zibonge ukuthi ugcine efikile – kodwa abalandeli bakhe abaneme ngalokho.

I-Love Damini Concert bekufanele ibe ngehora lesishiyagalolunye ngeSonto ebusuku. Ngokusho kwabalandeli abebekulo mcimbi, lo mculi akazange abonakale esiteji kuze kwashaya u-3:30 ekuseni.

“Abanye abantu bafike kuleya ndawo ngehora lesishiyagalolunye ebusuku. Kumculi osezingeni eliphezulu lokhu kungaphezu kokubi futhi akwamukelekile,” kusho umlandeli ku-Twitter.

Ukungena kwalo mculi kwamukelwe ngenjabulo ngabalandeli abebekulungele ukukhohlwa amahora ebawalindile kanye nezinkulumo zabalandeli abebethukuthele.

Kodwa besingekho isixoliso.

Lo mculi uye watshela abalandeli bakhe ukuthi kumele babonge ukuthi ugcine efikile. Uze waveza ukuthi bekungenxa yomusa wakhe kanjalo nozakwabo uSeyi Vibez ukuthi akhethe ukuhlala kule ndawo.

Uye wakhuluma ngendaba yokuthi wasolwa ngokubulala umuntu ekilabhini ngoNcwaba nyakenye. Nokuthi abantu base-Nigeria ezinkundleni zokuxhumana bathi unina wayedansela umculi ongasekho uFela Kuti – okuyizizathu athi zanele ukulubalekela lolu hlelo.

“Ukube bekungeyena uSeyi Vibes ngabe ngiye ekhaya. Kodwa ngilapha nani ngemuva kokuthi nithi ngibulale umuntu e-Cubana, nokuthi umama ongizalayo wayedansela uFela.

“Kodwa ngoba ngiyanithanda yingakho ngilapha. Uma ningangithandi futhi nguNkulunkulu ozonijezisa,” esho ngesi-Pidgin English.

Ngemuva kokusho lokhu, lo mculi ucule izingoma zakhe ezishisa izikhotha kubalandeli abebemlindile abaye bamjabulela yize bebengathokozile phambilini.

Yize egxekwe kakhulu ku-Twitter naku-Instagram nokuyinto ethathe amahora amaningi, lo mculi ubengakaxolisi.

Esithombeni esingenhla: Isihlabani se-Afrobeats uBurna Boy

Umthombo wesithombe: @Cforchampionn

Izihloko zakamuva