Dylan Bettencourt
Abalandeli beqembu leBafana Bafana bajabulile kakhulu ngokuwina kweqembu lihlula i-Ethiopa ngelilodwa eqandeni enkundleni yase-FNB.
Enkundleni bekukhona abalandeli okokuqala ngqa ngemuva kwezinyanga eziyi-19 njengoba iNingizimu Africa isinyukele phezulu ku-Group G.
Indlala nesifiso seBafana Bafana sokuhlula i-Ethiopa okwesibili ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kubonakale zisuka nje. UHugo Broos ubegqugquzela ngokuphelele abadlali, okuholele ekutheni i-Ethiopa izithole isenkingeni ngemuva kwemizuzu usanda kuqala umdlalo.
INingizimu Afrika ibukeka iqinile, futhi iBafana Bafana iphathe lo mdlalo kusukela ekhoneni ngemuva kokuba unozinti wase-Ethopia azithole esenkingeni. Umdlali uGetaneh Kabede kubenzima kuye ngesikhathi eshaya ibhola ngekhanda langena enethini leqembu lakhe.
Umsindo obubangwa abalandeli enkundleni yaseNingizimu Afrika bekuyunto enhle kakhulu, futhi kube ngumlando esizweni njengoba abalandeli bebuyele enkundleni ngemuva kwesikhathi eside ngenxa ye-Covid-19.
Abadlali bakaBroos baphelelwe umdlandla esiwombeni sesibili okuyilapho i-Ethiopia iqale ukudlala khona ngokuzimisela. Amahlandla ambalwa benze unozinti weBafana Bafana uRonwen Williams ahlale eqaphile ukuze amagoli angalokothi angene enethini yakhe.
INingizimu Africa izibona inenhlanhla ngokuthola amaphuzu amathathu ngemuva kokushweba amathuba amabili, kodwa noma kunjalo abadlali base-Ethiopia abaqeqeshwa uWueto Abete bebengenawo umdlandla wokuhlula iNingizimu Afrika.
Abadlali beBafana Bafana abasebancane bakhombisile ukuthi bayakwazi ukugcina isithembiso sabo ngokuthatha iqembu balibeke phezulu ukuze bakwazi ukungena endebeni yomhlaba.
INingizimu Afrika izithole inyukele phezulu ku-Group G ngemuva kwemidlalo emine, idlula iqembu le-Ghana ngephuzu elilodwa.
IBafana Bafana isazobhekana nobunzima njengoba isazodlala ne-Zimbabwe kanye ne-Ghana emidlalweni elindeleleke ukuba iqale ngesonto lesibili kuLwezi.
Njengoba kusele imidlalo emibili, iNingizimu Afrika isiqala ukukholelwa ukuthi iqembu lingakwazi ukufinyelela e-Qatar ngonyaka wezi-2022 lapho sizobona khona amaqembu ayishumi ebhekana.
Kulamaqembu ayishumi, mahlanu kuphela amaqembu ase-Afrika azozithola engena endebeni yomhlaba futhi uma iBafana Bafana ikwazile ukungena bekuzoba indebe yokuqala yomhlaba leli qembu elingena kuyo selokhu kwagcina ngonyaka wezi-2002.
Umthombo wesithombe: @CapeTownCityFC