Menzi Magubane
Ngomhlaka-5 kuNdasa, usuku lwe-Soweto Derby, abalandeli bazomashela enkundleni yezemidlalo i-Orlando embhikishweni onokuthula.
Abalandeli bafuna ukuphoqa i-Premier Soccer League (PSL) nohulumeni ukuthi bavule amasango ezinkundla zemidlalo.
Le mashi ehlelwe i-National Football Supporters’ Association (Nafsa), izoba mhla i-Orlando Pirates yamukela izimbangi zayo zase-Soweto, i-Kaizer Chiefs.
Isikhathi sokugcina lapho abalandeli abavunyelwa khona ukungena ezinkundleni zemidlalo kwakungaphambi kokuthi iNingizimu Afrika ihlaselwe i-Covid-19 ngoNdasa wango-2020.
Kube nenhlansi yethemba ngesikhathi i-SAFA ivumela abalandeli abangu-2 000 abagonyiwe ukuthi babuyele enkundleni ngesikhathi iBafana Bafana ibhekene ne-Ethiopia ne-Zimbabwe emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ye-FIFA ngoLwezi odlule.
NgoMasingana kulo nyaka, uMengameli uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi izwe seliphumile kwigagasi lesine le-Covid-19 futhi umvalelo wehliselwe kwizinga lokuqala.
Kodwa i-PSL kanye noMnyango wezeMidlalo, amaCiko namaSiko bathule sengathi badutshuliwe mayelana nokubuyela kwabalandeli ezinkundleni zemidlalo. Lokhu kuvele ngesikhathi kuqhutshwa imihlangano yezombusazwe lapho izinkulungwane zabalandeli abebegcwele khona ezinkundleni zemidlalo ngesikhathi amaqembu ezombusazwe ekhankasela ukhetho lwangoLwezi.
Esitatimendeni, i-Nafsa inxuse abalandeli bebhola ukuthi bahlanganyele kanye nabo emashini enokuthula ngenyanga ezayo ukuze bazwakalise lokho abakubiza ngokuthi “isililo sezwe lonke”.
Khonamanjalo, abalandeli be-Chiefs bamatasatasa ngombango wabo wangaphakathi nomqeqeshi wabo ongenzi kahle uStuart Baxter.
Uhlu lwezikhalazo olusayinwe abangaphezu kuka-2 000 luzodluliselwa kubaphathi beqembu, bacelwe ukuthi baxoshe lo mqeqeshi waseNgilandi bese benika u-Arthur Zwane noDillon Shepard umsebenzi.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi Amakhosi ephume kweye-Nedbank Cup emzuliswaneni wesi-32 ngoMgqibelo, kwathi ngemuva kwezinsuku ezintathu aqopha umlando edlala imizuzu engu-90 kwangena igoli ngesikhathi edlala ngokulingana ngo 0-0 ne-Cape Town City kowe-DStv Premiership.
Umthombo wesithombe: @Goal