Abalandeli abathukuthele bahlela ukuyobuka umdlalo wamanqamu we-Nedbank Cup

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Abalandeli be-Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates bathukuthele bagane unwabu bafuna izimpendulo ngemuva kwephutha lokuthenga amathikithi abangakawatholi.

Abalandeli bachithe izinkulungwane ezindizeni nasemahhotela, futhi manje bahlela ukuhamba ngaphandle kwamathikithi.

Bathukuthele bayaveva abalandeli be-Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngemuva kwenkinga eshiye abaningi bengenawo amathikithi nakuba sebekhokhile.

Abalandeli basebenzise izinkulungwane zamarandi ukulungiselela ukuhamba, izindiza nezindawo zokulala ukuze bafike eThekwini, batshelwa ukuthi awasekho amathikithi, ngisho sebethole iziqinisekiso zokubhukha.

UTsietsi Mkansi ongumlandeli we-aizer Chiefs wase-Sandton, uthe usebenzise u-R15 000 ngokubhukha indiza, imoto eqashisayo nehhotela.

“Ngathola inombolo ye-reference yethikithi, kwathi ngokuhamba kwesikhathi ngathola i- email bethi ithikithi alizange lenziwe,” etshela iSowetan. “Ngizimisele kakhulu ukuthi ngingavele ngikhansele.”

Wavele wabhukha ngesikhathi i-Kaizer Chiefs ihlula i-Sundowns kowandulela owamanqamu. Manje ulibangise eThekwini nabangani bakhe ababili, unethemba lokuthola umuntu odayisa ithikithi ngaphandle kwenkundla.

UTebogo Matlala wase-Polokwane naye uyahamba, nakuba engalitholanga ithikithi. Yena nabangane bakhe abane babekhokha u-R1,300 umuntu ngamunye ubusuku ngabunye ukuze balungiselelwe amagumbi abo. “Sizobheka amathikithi ngaphandle kwenkundla,” esho.

Kepha amaphoyisa athi abalandeli abangenamathikithi kufanele bahlale ekhaya.

Sizoqinisa kakhulu ezomthetho. Uma ungenalo ithikithi, ungezi enkundleni yezemidlalo,” kusho iPhini likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor-General Phumelele Makoba.

Izindawo zokubuka zomphakathi zizobekwa endaweni engasebhishi nase-Albert Park.

Le ntukuthelo iza ngemuva kokuthi izikhulu ziqinisekise ukuthi amathikithi adayisiwe angaphezu kwezihlalo ezikhona kwinkundla.

UBertie Grobbelaar we-Stadium Management SA uthe indawo esemthethweni ingagcwala abantu abangu-49,000 kodwa angaphezu kuka-51,000 amathikithi adayiswe i-Computicket, u-Shoprite, u-Checkers kanye nama-Open Tickets.

I-Computicket iyodwa idayise amathikithi angaphezu kuka-44,000.

Ibamba lesikhulu esiphezulu ku-PSL uMato Madlala lisole lesi sigameko ngokuba nenkinga yohlelo. “Amathikithi abelokhu edayiswa ngisho esephelile,” kusho yena.

Kuze kube manje, i-PSL isibuyisele abalandeli abangaphezu kuka-10 000 abangawatholanga amathikithi imali. Abaningi abathenge ku-inthanethi babuyiselwe imali. Labo abakhokha besebenzisa i-EFT noma ezinye izindlela basalindile.

Esithombeni esingenhla: Inkundla yezemidlalo i-Moses Mabhida.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva