Linda Ximba
Ushintsho lwakamuva lwezinhlelo kuKhozi FM lushiye abethuli ababili bezinhlelo zemidlalo asebesebenze isikhathi eside bedidekile.
U-Irvin Sihlophe kanye noVictor Molefe abahlelelwanga yilesi siteshi ukuthi bazokwethula ziphi izinhlelo zasebusuku ngezimpelasonto, okushiye abalaleli bokuqina bedidekile.
Sekuphele inyanga omakadebona bobabili besuswe emoyeni. Umthombo osesiteshini se-SABC eThekwini uthe kunokudideka nokungaqiniseki phakathi kwabasebenzi ngoba alikho igunya eliveze ukuthi ngabe uSihlophe kanye noMolefe bazoba yingxenye yalesi siteshi ukuya phambili.
Njengokwejwayelekile kule minyaka edlule, i-SABC yenza izinguquko emisakazweni yayo njalo ngoMbasa, abanye abethuli bayo bashintshelwa kwezinye izinhlelo kanti abanye baphuthelwa wukuvuselelwa kwezinkontileka zabo.
Njengamanje, uNolwazi Machi kanye noMhlonishwa Sibisi bafakwe ezikhundleni zokwethula ezemidlalo, bathatha izindawo zikaSihlophe noMolefe, kodwa emasontweni edlule izinhlelo zangempelasonto azizange zidlale ngoba akekho owayekhona.
Umthombo ongaphakathi kwa-SABC ukhulume ne-Scrolla.Africa wathi: “Okwenzakala ku-Irvin kanye noVictor kubuhlungu kakhulu. Akekho kubaphathi oke wazihlupha ngokuchaza ukuthi yini ebangela ukubambezeleka kokuthi bathole izinkontileka ezintsha. Okungenani kumele babatshele uma imisebenzi yabo ingasadingeki.”
Kuthintwe okhulumela i-SABC uMmoni Seapolelo ukuthola impendulo kodwa i-Scrolla.Africa isalindile ukuzwa impendulo yakhe.
Izithombe: @Sihlophe & Ukhozi FM