Abakwasidlodlo namaphoyisa omphakathi basebenza ngokushesha ukuvimba izindawo zase-KZN ezihamba phambili ngodlame

Lungani Zungu

Imizamo yababhikishi be-#FreeJacobZuma yokuvala umgwaqo Umngeni ngamathayi avuthayo eThekwini ivalwe ngokushesha ezintatha zangoMsombuluko.

Abakwasidlodlo namaphoyisa omphakathi basebenze ngokushesha ukubhula amalangabi, ukususa izinto ezivimbile kanye nokuhlakaza ababhikishi ngaphambi kokuba kuqale isiminyaminya.

ESiphingo eduze naseMlazi kushiswe isuphamakethe ephethwe ngowokufika. Kodwa izakhamizi zangena ngesankahlu zasiza umnikazi wayo ukucima umlilo.

Akekho olimalile, kuvulwe icala lokushisa. Amaphoyisa esifundazwe athe akukaboshwa muntu.

Amaphoyisa namasosha ahleli eqaphile njengoba izinsongo zodlame – ezivela kubantu abathi basekela lowo owayenguMengameli uJacob Zuma – ziqhubeka nokusabalala ezinkundleni zokuxhumana.

Iziphathimandla zomthetho zibukeka zikulungele kangcono kunangenyanga edlule ngenkathi ziphuza ukusabela ngesikhathi kuphangwa iviki lonke okwadlula nemiphefumulo yabantu abangaphezu kwabangama-350.

Amabhizinisi amaningi awa kanti amanye asazama ukubuyela emsebenzini wawo.

Akukho ukuphazamiseka okubikiwe e-Gauteng.

Izinsongo zodlame olusha zifika njengoba iPhalamende Likazwelonke linomhlangano ngoLwesibili nangoLwesithathu ngezinxushunxushu ezibe khona e-KZN nase-Gauteng ngenyanga edlule.

Umbhikisho we-#FreeJacobZuma ufuna lowo owayenguMengameli adedelwe ejele ngesigwebo sakhe sezinyanga eziyi-15 ngokudelela imiyalelo emibili yenkantolo emtshela ukuthi avele phambi kwekhomishini yophenyo lokulawulwa kombuso.

UNdunankulu wase-KZN uSihle Zikalala uthe abaphathi bezomthetho basiqaphe ngeso lokhozi isimo.

UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uKhehla Sitole uthe bakulungele ukubhekana nababhikishi.

Khonamanjalo, isishoshovu se-#FeesMustFall, uBonginkosi Khanyile, uvele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko ngamacala okususa udlame nokuphanga ngenyanga edlule.

Icala lakhe lihlehliselwe uLwesine lapho okuzolalelwa ibheyili ngokusemthethweni.

Izihloko zakamuva