Celani Sikhakhane
Kulindeleke ukuthi izithandani ezingaphezu kuka-2 000 zibophe ifindo likasofa silahlane njengengxenye yokuvala umgidi wangoNtulikazi ebandleni lakwa-Shembe Baptist kulo nyaka.
I-Scrolla.Afrika siyaqonda ukuthi ngalesi sikhathi, amalungu ebandla awavunyelwe ukwenza ucansi.
“Njengamalungu ebandla asihlanganyeli ocansini enyangeni yonke yangoNtulikazi,” kusho elinye ilungu lebandla litshela i-Scrolla.Africa.
“Kithina abantu abadala akuyona inkinga. Kodwa kubantu abasha uyabona ukuthi bayazama ngempela ukugcina leli siko kodwa akulula neze,” esho.
Okhulumela uShembe eBuhleni, uMnu Thokozani Mncwabe, akatholakalanga ukuba abandakanyeke engxoxweni.
“Kunezinto okungakhulunywa ngazo esidlangalaleni ngoba ziyisiko lebandla okungamele kukhulunywe ngazo noma yikanjani.
Kodwa-ke uMncwabe udalule amanye amasiko ebandla omgidi wangoNtulikazi.
“Empeleni ngingakuqinisekisa ukuthi kule nyanga asisidli isinkwa esiphekiwe nokuthi kunezinye ezinto esingazenzi.”
Uthe lo mcimbi ozothatha inyanga yonke uba seBuhleni ngaseNdwedwe kanti uzohanjelwa ngamabandla angaphezu kuka-20 000.
UMncwabe udalule ukuthi ngonyaka odlule izithandani ezibalelwa ku-1 000 zabopha ifindo likasofa silahlane kanti zingaphezu kuka-5 000 izintokazi ezacelwa umshado ngabalingani bazo.
Ibandla linomlando oqinile wokuba yingqwele yesiko labantu base-Afrika, ikakhulukazi isiko lamaZulu.
Abanikazi bamatekisi, abadayisi basemgwaqeni nabanye osomabhizinisi bayajabula njengoba abantu abaningi besebenzisa imali ethe xaxa kuyo yonke le nyanga kaNtulikazi. Ibhizinisi liyadlondlobala nasendaweni yaseBuhleni lapho okubanjwa khona lo mcimbi.