AbakwaShembe basabambe isufungo sikaBhombela sika-1908 sokunyukela entabeni njalo uma kuqala unyaka

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane


AmaNazaretha asamile esifungweni sikaBhombela saseNtabeni yaseNhlangakazi asithola kuNkulunkulu ngo-1908 sokugcina iSabatha.

Lokhu kuvezwe izingwevu zebandla ezixoxele i-Scrolla.Africa ngoLwesihlanu mayelana nohambo lwasentabeni olubankalo ngoMasingana ukuthi lwaqala kanjani.

UMshumayeli uThetha Ngiba wasekuPhakameni uthe uMphrofethi Isaiah Shembe odume ngelikaBhombela Isitimela samaMpondo, wahlushwa izwi iminyaka ekubo eNtabazwe e-Free State elamuholela eThekwini, entabeni iNhlangakazi ekubeni ayelokhu azalwa engakaze alubhade khona.

“Kwathi uma lelizwi laseZulwini uma limuhlupha waya kwezinye izintaba kodwa izwi laqhubeka nokukhuluma naye. Lamholela entabeni iNhlangakazi nokuyilapho afike wathandaza khona kwaduma izulu maqede uJehova wakhuluma naye ngemiyalelo ayefuna ayedlulise kubantu. Ukube kwakungelona izwi likaNkulunkulu, uBhombela wayengaya kunoma iyiphi intaba,” kusho uNgiba.

Uqhube wathi kwathi ngalowo nyaka ka-1908 kuMasingana, uBhombela wahlangana namadoda ayehlala ehostela iMsizeni elalakhiwe ngase-Durban Station.

Uthi yilapho lamadoda avuma ukuhlangana aqala inkolo yobuNazaretha.

UNgiba uthi uBhombela wabe esebuyela kubo eNtabazwe kodwa izwi laphinde lamhlupha ukuthi ubashiye nobani laba abashiye ehostela eThekwini.

Uthi yilaphoke okwathi uma ebuya ngo-1910 waliqala ngokuphelele ibandla akangabe esabuyela emuva.


UMnuz Thokozani Mncwabe waseBuhleni uveze ukuthi lesi sifungo sibalulekile ngoba njalo ngoMasingana basuke bezoqinisekisa ukuthi basamile okholweni lwabo.

“Kuningi engingeke ngikuvezele abamaphepha okuyizimfihlo zebandla ngalolu daba. Uyabona nje okunye esikwenzayo okuyisibophezelo ukuthwala inkatha ekhanda bese sibeka itshe njengengxenye yokubingelela intaba bese siphinde siwaphonsa esivivaneni. Ngisho inyoka uma sesibheke entabeni asiyibulali nazo azisishayi ngoba sisuke sihamba uhambo olingcwele,” kusho uMncwabe.

Kwathi ngo-1977 sekuhlukana ibandla kuphuma abaseBuhleni ekuPhakameni, bancipha ababeya khona.

AbasekuPhakameni bahoxa baze babuyela ngo-1989.

Kuthe uma kuqala umbango ngo-2011, abaseBuhleni baphuma kule ntaba engcwele bayoqala eyaseKhanana.

Kumanje le ntaba isisetshenziswa abasekuPhakameni, abaseGinyezinye nabaseThembezinhle.

UBhombela wakhothama ngonyaka ka-1935.

Izihloko zakamuva