AbakwaMfekaye basola abaKhwanazi ngokuqola umhlaba nokuzibekela amakhosi ezweni labo

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane efingqa incwadi ethunyelwe ileli phephandaba eshicilelwe uMnuz Dumisani kaCaiphus Tembe.

AbakwaMfekaye eMtubatuba basola abaKhwanazi ngokubaqola izwe labo laseMkhanyakude nokuzibekela amakhosi ekubeni babengakaze balibuse ngisho kusekhona uyise weLembe, Inkosi uSenzangakhona.

Lokhu kuvela encwadini evulelekile ebhalwe uMnuz Dumisani kaCaiphus Tembe ekhala ngokuthi ngisho uHulumeni usevele wagibeza abaKhwanazi ekhanda lesizwe sakwaMfekaye esazibusela le ndawo kusekhona okhokhobaso oMzingeli kaFunjwa.

UTembe okuyisekhaya kanina loyisemkhulu kaMfekaye uthi abaKhwanazi baqole umhlaba woMfokaye besebenzisa ubuhlobo babo neSilo uMpande kaSenzangakhona.

“Kuleli lakithi laseMkhanyakude, isibongo sakwaMkhwanazi, uMdletshe, uHlabisa, uMdluli nezinye zazingenabo ubuKhosi kubusa iLembe kanye noVezi kwaZulu. Abanye babengakokwakhi nokwakha kuleli lakithi, kepha namuhla uzwa abathize kulemndeni bethi bangamaKhosi aseMkhanyakude okungamampunge. Ngenkathi kubusa iNkosi uSenzangakhona kaJama kwaZulu, kwelakithi izwe elisuka eMfolozi ligudle ulwandle luze luyofika e-False Bay, linyuke ngesibhicayi liyohlangana neNkonjane libuye lizohlangana neMfolozi, lelozwe ngelakwaMfekaye, lalibuswa iNkosi uMzingeli kaFunjwa wakwaMfekaye ababe buye babizwe ngamaNcwangeni.

Ubufakazi balokhu bukhona ngisho ezibongweni zeNkosi uSenzangakhona, kunomucu othi, “INyathi ehamb’isenga amazibuko, injengoMzingeli wakoMfekana, ozithebe zinhle Mjokwana, zithandwa abancasikazi”, kubhala uTembe.

Uqhuba wathi okuveza ubukhulu beNkosi uMzingeli ngoba inyosi yeNkosi uSenzangakhona yayingeke ithi imbongela ebese imfanisa neNkosi encane futhi engahlonishwa nengaziwa.

Uthi lokho nje kukodwa Kukhomba ukuthi yayidumile iNkosi uMzingeli ngalezakhathi futhi kukhomba ukuthi iNkosi yamaMfekana yayindala kuneNkosi uSenzangakhona ngoba yayingeke ibongelwe ngontanga wayo.

” Izwe elakhele abakwaMngqobokazi namuhla, nalo izwe abalisikelwa abasemaNcwangeni umlando uyakuveza lokho kucace. Izibongo zakwa Jele, uMsane, uMzimela, uMabasa, uTembe, uZikhali yizo ezazingamaKhosi kulelizwe, oNxumalo noGumbi nabo bafika kamumva.

AbakwaNxumalo bafika kuleli mhla behlukana neNkosi uSoshangane kaZikode yakwaNxumalo, ilibhekise eNyakatho iyokwakha uMbuso waseGasankulu. AbakwaGumbi bona bafika mhla behlukana neNkosi uZwangendaba kaHlatshwayo yakwaJele, mhla ilibhekise enhla neNyakatho iyokwakha uMbuso wabaNgoni,” kubeka uTembe.

Uma elandisa uthi ngakhoke nabo abasiwo amaKhosi oselwa alomhlaba abawubusayo futhi abazange bafica umhlaba ungenabantu, bawukhonzela nabo ngoba iNkosi uMkhokhoba kaNtlekele yakwaMfekaye yiyo eyayibusa, nayo eyalandisa izwe emva kokuwa koMbuso wakwaNdwandwe njengoba kunezindawo ekuqanjwe ngayo iNkosi uMkhokhoba nakoPiet Retief eNtshonalanga neMagudu ezokwakha kulelizwe, naye wafica abakwaNgubane kanye namaNcwangeni. Ukuze abakwaTembe babe nobukhosi kulelizwe kwaba iNkosi uNdaba kaZwana wakwaMfekaye owakhipha enye yamakhosazane wayiganisela umfowabo kaMadinga omdala, uMangope wesibili kaSilambowa Tembe.

UNdlunkulu okaNdaba Mfekaye wazala uMabhudu/uMaputu kaMangope II okunguye umongo wobuKhosi bakwaTembe.

Uthi kunezibongo ezindala kuleli lakubo, okuyizo ezingamaKhosi oselwa angempela, hayi abantu abakwazi ukufika bese befuna ukushintsha umlando bafafaze amanga bezama ukukhohlisa iyingane zabo. AbaKhwanazi ubukhosi babo bungaphesheya kweMfolozi, lapho abakwaMthethwa ababephethe khona.

Kuthiwa akaze izwe elinganeno kweMfolozi kube elakwaMthethwa, ngisho izincwadi zomlando ziyafakaza ziningi.

“Siyacela uhulumeni ake azifundise ukuhlonipha ubukhosi, alungise izinto ekumele azilungise ngokushesha ngoba ekugcineni, ngibona kuzobuyelwa ezimpini ngoba nokukhothama kweNkosi uMkhokhoba kaNtlekele yakwaMfekaye siyazi ukuthi kuthinteka bona abaKhwanazi, oMdletshe kanye nabakwaHlabisa, umlando kawuboli futhi iqiniso kaligqibeki, lezibongo kufuze engabe yizo eziyolungisa ezakona kwabakwaMfekaye, kodwa impakamo yezithutha kayinamkhawulo, sekuyolamula yena uHulumeni ukuthi aqondise kungaze konakale.,” usho kanje.

Izihloko zakamuva