AbakwaKgosinkwe balungiselela ingane yabo yokuqala

Sizwe Sibiya

Sekuyisikhathi sokuthi isihlabani seMafikizolo uTheo Kgosinkwe kanye nonkosikazi wakhe uVourné bathole ingane yabo yokuqala – ezinyangeni ezimbalwa nje beshadile.

Lokhu kuqale njengomdlalo wokuqagela ngesikhathi lezi zithandani zimemezela lezi zindaba ku-Instagram ngoMandulo nyakenye. UVourné ecela abalandeli ukuba baqagele ubulili bengane.

Sekuyenzeka ngempela njengoba ne-Boona isitolo sabazali sibakhunbuze lokhu ngesikhathi simangaza lezi zithandani ngesihlalo sezingane esinamasondo esibuye siphenduka isihlalo semoto yezingane. UVourné uphinde wakhipha ividiyo ngoLwesihlanu eveza ekhipha ebhokisini isipho esivela esitolo i-Boona, sikaKgosinkwe omncane osenzelwa ama-baby shower amabili ngonyaka odlule.

Yize lezi zithandani zibophe ifindo likasofasilahlane ngoNcwaba wezi-2020 ngaphansi kwemithetho ye-Covid-19, bathembise umshado kanokusho kulo nyaka, uma kuphela umvalelo.

Isithombe: Instagram