Indoda ecebe kakhulu e-Malawi uShepherd Bushiri kanye nonkosikazi wakhe uMary bazochitha impelasonto esitokisini.
Lezi zithandani ziboshwe ngoLwesibili kuleli sonto ngamacala okukhwabanisa, ukweba nokushushumbisa imali.
Abalandeli bakhe abangamakhulu babuthane ngaphandle kwesakhiwo senkantolo futhi baze benza nemilindelo ebusuku phambi komholi we-Enlightened Christian Gathering Church.
UBushiri uvele eNkantolo yeMantshi yasePitoli ngoLwesihlanu okwesibili kuleli sonto eyofaka isicelo sebheyili. Icala lahlehliselwa uMsombuluko, mhla zingama-26 kuMfumfu.
Umthombo wesithombe: @bushiri_m