Buziwe Nocuze
Izakhamizi zase-Site B e-Khayelitsha, eKapa, zizithweswe umthwalo wokuqapha abasebenzi bakwa-Eskom ezigebengwini zendawo uma bengena kule ndawo.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi u-Eskom uhoxise abasebenzi bawo kwezinye izingxenye zelokishi lase-Khayelitsha ngemuva kokuthi izigebengu zibafune imali engu-R20 000 yokubavikela.
NgoLwesihlanu, ngesikhathi ochwepheshe bakwa-Eskom belungisa i-transformer eyonakele e-Site B izakhamizi ezibalelwa kwezingu-50 zabesilisa nabesifazane bezibagadile.
Izingane ezincane bezidlala ibhola ngesikhathi abantu abadala behlezi ezihlalweni bezimboze ngezingubo zokulala beqinisekisa ukuthi abasebenzi baphephile.
Ikhansela lesigceme uLukhanyo Simangweni ubesekhaya lakhe ngesikhathi kufika amalungu omphakathi ezomcela ukuthi ahlanganyele kanye nawo.
“Kungijabulisile ukubona umphakathi usebenzisana futhi umelana nezigebengu,” kusho uSimangweni.
“Kuyakhombisa ukuthi uma sisebenzisana singaba nekusasa elingcono.”
Abasebenzi bakwa-Eskom bafike kuleli lokishi ngezithuba zehora leshumi ekuseni basebenza kwaze kwashaya ihora leshumi ebusuku belungisa ugesi.
Isakhamuzi sithe bebengazimisele ngokuphila bengenawo ugesi ngenxa yezigebengu ezifuna imali elula ngokuqola abasebenzi bakwa-Eskom.
“Ngemuva kokuthi i-transformer iphuke sibonile ukuthi kufanele senze okuthile. Asikwazi ukulinda uhulumeni ukuthi aqhamuke nesixazululo,” kusho elinye ilungu lomphakathi.
“Uma sivumela lezi zigebengu ukuthi ziqole imali kubasebenzi bakwa-Eskom kusho ukuthi noma yimuphi umnyango oza lapha ukuzokwenza imisebenzi uzokhokha imali yokuvikelwa.”
Batshele i-Scrolla.Africa ukuthi uma kumele balale emgwaqeni ukuze bavikele abasebenzi, bazokwenza njalo.
“Abasebenzi bakwa-Eskom bebekhululekile futhi basibongile ngalokhu esikwenzile. Bawenzile umsebenzi wabo bashintsha i-transformer eyonakele sase siyabaphelezela sabakhipha elokishini ngesikhathi sebeqedile.”