Abakwa-Clicks babandlulula izinwele zabesifazane abamyama

Sizwe Sibiya

Umnyango wezokumaketha wakwa-Clicks usanda kuthola izifundo ezimbalwa okufanele wonke umuntu azifake enhlizweni.

Ungalokothi ugxeke izinwele zowesifazane.

Ungalokothi uqhathanise umuntu wesifazane.

Futhi ungalokothi usekele ukugxekwa ohlangeni lomuntu.

Abakwa-Clicks bangene esivuthweni sobandlululo kuleli sonto lapho bebefaka khona isikhangiso esiqhathanisa izinwele zabesifazane abamnyama ezingezinhle nezabesifazane abamhlophe.

Abakwa-Clicks baphume baxolisa “ngokungagodliwe” ngoMgqibelo ngemuva kokuqubuka kwesiphepho semibhikisho kwathi iqembu le-Economic Freedom Fighters lasabisa ngokuvala izitolo zabo.

Isikhangiso sibhale izinwele zowesifazane omnyama “njengesiqhwa, esifushane, esomile futhi esonakele” ngesikathi izinwele zabesifazane abamhlophe zibizwa ngokuthi “zijwayelekile, zilungile futhi ziyisicaba.”

Izimpendulo eziningi ezinkundleni zokuxhumana bezivela kubantu besifazane abebethukuthele ukuthi izinwele zabo zemvelo bezihlaselwa.

Bathumele ngokuziqhenya izithombe zezinwele zabo ngamazwana afana nokuthi “abesifazane abamnyama, izinwele zakho azidingi ukulungiswa” kanye nohlu lwamazwana aqinile afana nokuthi “qabula izinqa zami, we-clicks”.

Ekuxoliseni kwawo u-Clicks uthe bebehlinzekwe ngesikhangiso ngabakwa-TRSemme South Africa, abaluleka ngezinwele, nabo baphuthume baxolisa.

Izihloko zakamuva