Abakumfelandawonye ne-ANC bafuna i-MK ingaphazanyiswa eKZN

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Ephoxwa yimiphumela yokhetho esuse i-ANC emandleni yaba yiqembu lepolitiki lesithathu ngobukhulu KwaZulu-Natal, amadlelandawonye ayo asecele ukuthi iphenye ngembangela yokuhlulwa kwabo.

ISouth African Communist Party (SACP), iCongress of South African Trade Unions (Cosatu), neSouth African National Civics Organisation (Sanco) esifundazweni bathe kuyaqala ukuthi i-ANC ingenzi kahle selokhu kwaqala umbuso wentando yabantu.

Ngemuva komhlangano wabo wokuhlaziya imiphumela yokhetho, babikele abezindaba eThekwini.

Efunda isitatimende esihlanganyelwe samadlelandawonye amathathu, uThemba Mthembu we-SACP uthe kukhona isivumelwano sokuthi izinhlaka zabo kumele nazi zizihlaziyele zona.

UMthembu uthe bavumelene ngokuthi kumele kuhlonishwe izwi labantu baseKZN, waphakamisa ukuthi bayavumelana nokuthi iqembu loMkhonto weSizwe lingaphazanyiswa ukuthi libumbe umfelandawonye ozophatha isifundazwe.

“I-SACP neCosatu banamandla okuchitha umfelandawonye ne-DA, kodwa zonke izinhlangothi ziyavuma ukuthi izwi labantu baKwaZulu-Natal kumele lihlonishwe,” kusho uMthembu.

“Ngeshwa imiphumela yokhetho iphoqa ukuba kwakhiwe uhulumeni wobumbano lukazwelonke.”

Isithombe esingenhla: i-SACP.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva