UMenzi Magubane uthi abesilisa kanye nabesifazane bakuleli abakwezemidlalo bafanelwe ukushayelwa ihlombe ngempumelelo yabo kulo nyaka.
Kusukela kwiBanyana Banyana kuya kumaProteas, amaBhokobhoko kanye neqembu lakuleli elikuma-Commonwealth izwe laziqhenya.
Umgadli weBafana Bafana uBenni McCarthy ufanelwe ukuhlonishwa. Ubani owayengacabanga ukuthi umfana okhulele kwelinye lamadolobha ayingozi kakhulu kuleli engajoyina ithimba labaqeqeshi be-Manchester United?
Ukuphumelela kukaMcCarthy kuvulele abanye abaqeqeshi ithuba lokukholwa ukuthi nabo bengaqokwa amaqembu aseYurophu.
UPitso Mosimane ungomunye walabo. Impumelelo yakhe iyazikhulumela kwiMamelodi Sundowns nakwi-Al Ahly. Ukuqokwa kukaMcCarthy kwelinye lamaqembu amakhulu emhlabeni kumele kwenze abaqeqeshi abafana noMosimane bakholwe ukuthi bangalandela ezinyathelweni zikaMcCarthy ozalelwe eKapa.
Sidinga abantu abaningi bakuleli ukuthi bakholelwe kubona hhayi abaqeqeshi kuphela. Abadlali nabo bengakholelwa emidlalweni yabo.
Ibhola lakuleli lidinga abadlali abasha abafana noMcCarthy, uQuinton Fortune, uLucas Radebe, uSteven Pienaar, uDoctor Khumalo nabanye abake badlala phesheya.
Laba badlali kanye nalabo abawina i-Africa Cup of Nations ngo-1996 babekwazi ukudonsa amehlo emaqenjini aseYurophu.
Kuyimpumelelo enkulu kunoma yimuphi umqeqeshi wakuleli futhi uMcCarthy kumfanele ukunconywa akutholayo.
Ukuwina kwakhe i-Champions League ngesikhathi edlalela i-FC Porto ngaphansi komqeqeshi uJose Mourinho ngo-2004 kungenye yezinto ezibonwe umqeqeshi we-Red Devils uTen Hag ezimenze wamfaka eqenjini lakhe.
Lo mqeqeshi owake waqeqesha i-Ajax Amsterdam ukholelwa ekutheni uMcCarthy owake waba umdlali ovelele ngesikhathi esadlala ibhola, nakanjani uzosiza abadlali beqembu lakhe ukuthi bashaye amagoli uma kuqala isizini ka-2022/23 kule mpelasonto ezayo.
Ngidabukela amaqembu ase-Soweto, iKaizer Chiefs kanye ne-Orlando Pirates abangalibonanga ikhono likaMcCarthy ngemuva kokushiya AmaZulu.
Bebengase bebuyise izinsuku zabo zodumo naye njengomqeqeshi wabo. Lokho ukulahlekelwa kwabo njengoba bebuka uMcCarthy kumabonakude ngesikhathi bona bephelelwa amandla kwiligi.
Umthombo wesithombe: @ManUtd