Abakugqizi qakala ukushintshwa kwamagama amadolobha e-EC 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Izakhamizi zase-Eastern Cape zithi ukuguqulwa kwamagama amabili okuhlongozwayo kulesi sifundazwe akusiyo into abagxile kuyo njengamanje.

Inkinga ukusetshenziswa kwe-NU noma “ama-native units”, ukuchaza izingxenye zamalokishi ase-Motherwell nase-Mdantsane.

Izigodi zase-Motherwell zinezinombolo ezisuka ku-NU1 ziye ku-NU31 kanti izingxenye zase-Mdantsane zibhalwe izinombolo ezisuka ku-NU1 ziye ku-NU18. Lawa ngamalokishi amabili amakhulu esifundazweni.

Ikomidi lamagama ezindawo esifundazweni sase-Eastern Cape selinxuse amadolobha amabili angaphansi kwesifundazwe iNelson Mandela Bay ne-Buffalo City ukuthi akuqede nya ukusetshenziswa kwama-native units.

Ikomiti lithe ukusebenzisa ama-native units kubukeka njengento ecasulayo uma kubhekwa umlando wezwe wobandlululo.

Ukuqokwa kwama-native units kuwo womabili la malokishi kuhlonzwe njengokuhlangabezana nemibandela yokulungiswa kwekomiti lamagama ngokwe-SA Geographical Names Council.

Embikweni owethulwe ibamba lomqondisi omkhulu weZemidlalo, ezokuNgcebeleka, ezobuCiko kanye namaSiko uCharmaine Williams uthe iNelson Mandela Bay yaziswe ngokukhathazeka komkhandlu wamagama.

“Kube nokukhathazeka kokuthi indawo yase-Motherwell isasebenzisa ama-NU, okuyisifinyezo se-‘native units’ futhi lawo ma-native units anezincazelo ezihlambalazayo ezihambisana nawo,” kusho umbiko.

I-Scrolla.Africa sikhulume nezakhamizi zase-Motherwell ngemibono yazo ngalolu shintsho oluhlongozwayo.

Isakhamuzi uNosiphesihle Sizani uthe: “Bengingazi nokuthi i-NU imele i-native units futhi akungikhathazi nje impela.

Esinye isakhamuzi uMnu Siphamandla Mconi uthe: “Lokho akusikhathazi kangako esikufunayo amanzi nogesi.

“Leli ngelinye iqhinga lokusebenzisa kabi imali yabakhokhi bentela. Osopolitiki kuphela abakhathazwa yilokhu.”

Ugogo uNancy (78) owaqala ukuba isakhamuzi sase-Motherwell selokhu yasungulwa ngo-1984 uthe ujabulile ngoshintsho yize lungamkhathazi.

“Ngaleso sikhathi kwakucasula futhi uma sibheka ukuthi kukude kangakanani nedolobha sasibona sengathi sikhishwa inyumbazane ngokuqondile ngoba simnyama futhi singafunwa, kodwa manje akusasho lutho,” esho.

Ukushintshwa kwamagama nakho kusezinhlelweni zamadolobha amabili ase-Eastern Cape. Idolobha i-Fort Beaufort selizobizwa ngokuthu iKwaMaqoma kanti i-Somerset East isizobizwa ngokuthi iKwaNojoli.

Esithombeni esingenhla: I-Buffalo City e-Eastern Cape

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva