Abakubo kweciko elashona balwela okungokwalo 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Umndeni wenkakha yomculo we-Afro pop uRobbie Malinga owadlula emhlabeni ngenxa yomdlavuza we-pancreatic eminyakeni emihlanu edlule usazabalaza ukuthola amalungelo omculo wakhe.

Ngokujwayelekile i-Southern African Music Rights Organisation (Samro) ikhokhela ababhali bezingoma, abaqambi kanye nabashicileli abanelungelo lokuthola izinzuzo njalo uma umculo wabo udlalwa emsakazweni.

Kodwa ngokusho kukankosikazi kaMalinga, u-Ann akukho njalo ngezimali zomyeni wakhe. Uthi ubelokhu ethunyelwa ezinhlakeni eziningi ukuze eyobuza ukuthi yini okumele umndeni wakhe uyenze.

UMalinga owayengumdidiyeli kanye nombhali wezingoma osezingeni eliphezulu futhi ecula izingoma ezishisa izikhotha wakhiqiza izingoma ezifana nethi ‘Ilobolo’, ‘i-Baby Please’ kanye nethi ‘Nguwe Lo.’

Uphinde wakhiqiza izingoma ezishisa izikhotha zabaculi abafana noZahara kanye noMusa Sukwene waphinde wacula nabaculi abadumile abafana noKelly Khumalo.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa u-Ann obekhungathekile uthe: “Kade ngilokhu ngilwela imali yomyeni wami kwezinye izinhlangano.

“Ngemuva kwezinsuku ezintathu engcwatshiwe ngahlangana nabantu abaningi bonke bathembisa ukulubheka lolu daba. Kodwa kuze kube namuhla angikaze ngizwe lutho. Kodwa-ke, ngeke ngiyeke ngoba ngilwela ifa lakhe nalokho obekungokwakhe ngokufanelekile.”

Ngesikhathi esalinde inkokhelo u-Ann uthe umatasa namaphrojekthi awaqalile enzelwe ukuhlonipha umyeni wakhe ongasekho.

“Sethule umlando wakhe osihloko esithi ‘Robbie Malinga’ futhi sesisungule i-RM Soul Sessions. Maduze sizoqhamuka nosuku lwegalofu lapho esizohlanganisa khona imali yokusiza abaswele ngoba umyeni wami ongasekho wayebakhathalele abantu,” kusho u-Ann.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukasihlalo we-Samro uNicholas Maweni igcine ingaphumelelanga, kanti uKarabo Motijoane ongumphathi jikelele we-Sheer Publishing uMalinga akhipha umculo wakhe ngaphansi kwayo naye akatholakalanga ukuba aphawule.

Esithombeni esingenhla: URobbie Malinga

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva