Abakhwabanisi abasebenzisa umfaniswano weDolobha womgunyathi bacindezela imindeni yaseGoli ukuze bathole imali

Lubhalwe nguSelloane Ntshonyane

Bagqoka njengezikhulu zangempela, baphathe omazisi nomfaniswano womgunyathi, futhi bathumele imiyalezo nama-SMS mbumbulu kanye nezincwadi ukukhohlisa izakhamuzi. Imindeni eminingi iyatatazela uma lamaqola ebaxwayisa ngokuthi ugesi wabo noma amanzi kuzonqanyulwa.

Abanye bazenza abafundi bamamitha futhi bafuna imali yokubizwa ngaphambi kokungena ngenkani ezindlini. Abanye bazenza ochwepheshe bagesi noma abaqoqi bezikweletu. Banikezela ngezaziso zomgunyathi zokunqanyulwa kukagesi ukuze bacindezele abantu ukuthi bakhokhe ngokushesha.

Komunye umkhonyovu ojwayelekile, izakhamuzi zithola i-SMS ebukeka ingeyangempela. Ithi amanzi noma ugesi wabo uzocishwa ngaphandle uma bekhokha imali ebhange ngokushesha. Imininingwane yasebhange iqonde ngqo ezigebengwini.

Imikhonyovu yama-imeyili nayo iyasabalala. Izigebengu zisebenzisa igama nelogo yeDolobha ukuze zizame ukuthola ulwazi lwabantu nemali.

Idolobha laseGoli lixwayisa ngokuthi alilokothi liqoqe ukheshi emizini yabantu. Lithi izakhamuzi kumele zikhokhe kuphela ngama-account asemthethweni eDolobha noma izinsiza ezithenjwayo njenge-EasyPay, uPick n Pay, Ihhovisi Leposi noma iwebhusayithi yeDolobha.

Abasebenzi base-Real City bafika ngezimoto ezinophawu futhi baphathe omazisi abafanele kanye nekhadi lomsebenzi.

UKamanyane Maphologela weDolobha uthi amaqola asebenzisa amaphepha omgunyathi kanye nemininingwane yasebhange yomgunyathi ukuze bakhohlise izakhamizi.

“Sinxusa wonke amakhasimende ukuthi ahlale eqaphile, aqinisekise ulwazi, futhi abike noma yikuphi ukuziphatha okusolisayo ngokushesha. Kubaluleke kakhulu ukuthi sivikele umphakathi wethu,” esho.

Esithombeni esingenhla: Izikhulu zedolobha laseGoli kanye nemoto

Umthombo wesithombe: Idolobha laseGoli

Izihloko zakamuva