
Elmon Tshikhudo
Bekhathazekile ngokusolwa ngokungeyikho ngecala elibi, iqembu labakhiqizi bezitini laqhamuka necebo lokwenza le ndawo iphephe, ligeze amagama alo futhi lenze kabusha ibhizinisi.
Ukwanda okukhulu kobugebengu ezigodini zase-Maniini nase-Thohoyandou e-Limpopo kwenze impilo yaba nzima kakhulu kubahlali bendawo.
Kulabo abagetshengwayo kubalwa abagijimi nabagibeli abebeya emsebenzini, abebephucwa izinto ezibalulekile.
Abantu base beqala ukusola abakhiqizi bezitini bendawo abahamba behweba ezihlahleni eziseduze, okwakuyindawo okwakwenzeke kuyo ubugebengu obuningi.
Abakhiqizi bezitini bathi bamsulwa, kodwa abantu bendawo basabasola.
Futhi okwenza izinto zibe zimbi kakhulu, amabhizinisi abo nawo ayedonsa kanzima ngoba amakhasimende abo ayesaba kakhulu ukuza endaweni abasebenzela kuyo.
Ngakho-ke, ukuze kubulawe izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa, leli qembu lahlela ukuqapha ukuze kugcinwe indawo iphephile futhi kuhlanzwe amagama abo, futhi imizamo yabo yagcina ikhokhelwe.
NgoLwesibili ekuseni, besizwa ngamalungu omphakathi, babambe abasolwa ababili ngemuva nje kokuthi amasela edubule owesilisa onyaweni. Ngesikhathi beseshwa, la madoda atholwe ephethe isibhamu esinezinhlamvu.
Omunye wabakhiqizi bezitini uthe baziphilisa ngokwethembeka futhi bebengabandakanyeki nakancane kulolu dlame lobugebengu. Kepha bebekhathazekile ngokuthi basolwa ngokuba yizigebengu.
“Size nalolu hlelo ukugeza amagama ethu nokwenza umphakathi namakhasimende wethu asethembe,” esho.
“Ngijabule ukuthi abasolwa babanjwe ngamalungu ethu umphakathi ungakafiki.”
Umholi womphakathi u-Eric Maravha uthe ubugebengu sebuyinkinga enkulu ezindaweni eziseduze nenxanxathela yezitolo i-Phangami ne-Thahani.
“Sisesihogweni lapha. Siyajabula ukuthi abasolwa batholakele baboshwa futhi,” esho.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier uMotlafela Mojapelo ukuqinisekisile ukuthi abasolwa ababili bavinjwe ngamalungu omphakathi ngemuva nje kokudubula umuntu oneminyaka engama-25 onyaweni.
UMojapelo uphinde wakuqinisekisa ukuthi kuvulwe icala lokuzama ukubulala, namacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu ngokungemthetho, abasolwa sebeboshiwe manje.